EzakamuvaIBetway Premiership

Umdlali weChiefs ufuna balwele ukunqoba isicoco seligi

SIHLE NGUBO

Ukholwa ukuthi bakulungele ukushisa umbango wesicoco seBetway Premiership umdlali weKaizer Chiefs, u-Ashley du Preez.

Usho lokhu ngesikhathi ekhuluma ngomdlalo wabo wokuvula isizini lapho bezobhekana neStellenbosch FC, e-Athlone Stadium, eKapa, ngeSonto ngo-5.30 ntambama.

IChiefs izama ukubuyisa isithunzi kulandela ukungenzi kahle kumasizini edlule.

Iphinde yaphoxa nangesizini edlule iqeda endaweni yesishiyagalolunye kwilogi yePremieship, nokuqinisekise ukuthi ayingeni kwiMTN8 okwesibili amasizini elandelana.

Nokho uDu Preez ukholwa ukuthi bazokwenza kangcono kulokhu emidlalweni yeligi neyomkhumulajezi.

“Ngokwami nje bese ngijahile ukuthi iligi iqale ukuze siqale kabusha senze umlando njengeqembu,” kusho uDu Preez oke wadlala kwiStellies.

“Ngicabanga ukuthi sizokwazi ukufaka ukuncintisana zisuka ngomdlalo wethu wokuqala.

“Umdlalo esizowudlala neStellenbosch unzima kodwa ngethemba ukuthi sizowushisa umbango kwilogi nasemidlalweni yomkhumulajezi.”

IChiefs iqede isomiso seminyaka inqoba iNedbank Cup ngokushaya i-Orlando Pirates kowamanqamu ngoMeyi.

Njengamanje inengcindezi yokwenza kangcono nokunqoba ezinye izindebe.

“Kusukela ngosuku lokuqala kumele sizimisele ukuze sishise umbango, sinqobe iligi,” kusho uDu Preez.

“Imidlalo yokulungiselela isizini esiyidlale eNetherlands beyimihle kakhulu.

“Sifunde lukhulu kubona futhi singakuthatha lokho sikulethe kwiligi.

“Indlela esidlale ngayo namaqembu aphezulu eNetherlands kube ukuzilungiselela okuhle kakhulu.

“Njengeqembu sibukeka sikahle ndawonye futhi ekhempini sinemiqondo efanayo ngalokho esifuna ukukuzuza.”

UDu Preez useke washaya amagoli kathathu ebhekene neqembu lakhe lakudala iStellies, ngakho ubheke ukwenza okufanayo ngeSonto.

“Kuhlale kumnandi ukudlala nabo. Bengibadlalela futhi bangisizile ukuthi ngibe lapha ngikhona namuhla.

“Ngifisa ukuqala isizini ngamagoli nokusiza ukuwakha ngibhekene neStellenbosch.

“Ngikulangazelele kakhulu ukubhekana nabo.”

Ngesizini edlule iChiefs ishaye iStellies kathathu kwiligi nakwiNedbank Cup egcine iyinqobile.

Emdlalweni wokuqala weligi inqobe ngo 2-1 kwathi kowesibili yadlula ngo 1-0.

KoweNedbank Cup iChiefs inqobe ngo 3-1 kwi-quarterfinal yayobhekana neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu.