EzakamuvaIBetway Premiership

IRichards Bay ayikazudlalela enkundleni uMhlathuze kweyasekhaya

SIHLE NGUBO 

IRichards Bay FC ayikazudlalela eMhlathuze Sports Complex, okungenye yezinkundla eyibhalise njengezodlalela kuzona imidlalo yayo yasekhaya kule sizini ka-2025/2025.

Le nkundla ibilungiswa isikhathi eside kodwa kuthe sekuzoqala isizini kwahlaluka ukuthi ayikakulungeli nakancane ukusingatha imidlalo yePremier Soccer League (PSL).

Lokhu kuphoqe iqembu ukuthi liyobhekana neMarumo Gallants eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, okuyinkundla ebeliyisebenzisa emidlalweni yasekhaya ngesizini edlule.

INatal Rich Boyz ikhiphe isitatimende lapho ichaze khona ukuthi kungani ibingeke idlalele ekhaya layo eliwumacekeceke umdlalo wayo wokuvula isizini.

Kulesi sitatimende ibalule ukuthi imidlalo yeKZN Premier’s Cup, edlalwe ngaphambi kokuthi kuqale isizini, iyona eshiye inkundla imapeketwane.

“Umasipala waseMhlathuze nalabo abalungisa inkundla, basebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi inkundla izobe isilungile ukusingatha umdlalo olandelayo wasekhaya neChippa United, ngo-Agasti 26,” kuqhuba isitatimende.

Nokho abalandeli beNatal Rich Boyz, eRichards Bay namaphethelo, kuzomele bathi ukulinda ngoba iqembu alikazudlalela eMhlathuze Sports Complex.

Umdlalo weBay neChippa United uzokuba sePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

Omunye wabalandeli beBay uzwakalise ukukhathazeka kakhulu ngokuthi kusadingeka belokhu beya eThekwini uma iqembu lidlala imidlalo yasekhaya.

“Ngiyezwa kuthiwa kubuyelwa eThekwini futhi. Uyazi angisakujabuleli ukuya eThekwini, sengihamba nje ngoba kukhona abaya ngakhona,” kusho lo mlandeli.

“Ngaphakathi nje kimina akusavumi, angisathandi.”

IBay ayikanqobi nowodwa umdlalo weBetway Premiership selokhu kuqale isizini entsha.

Empeleni nje leli qembu selishaywe kuyona yonke imidlalo emine elisayidlalile uma kubalwa noweMTN8.

INatal Rich Boyz ivule ngesibhaxu sika 4-0 sivela kwiMamelodi Sundowns kwi-quarterfinal yeMTN8.

Emdlalweni wokuqala neMarumo Gallants, iBay ishaywe ngo 2-1, kwathi kowesibili yathelwa othulini yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0.

Nakowesithathu akuhambanga kahle njengoba iBay ishaywe yiKaizer Chiefs ngo 1-0 ngeledlule eFNB Stadium.

Kuzomele izame ukuvuka ngeChilli Boys KwaMashu ukuze ususe ingcindezi okungangabazeki ukuthi iphezulu njengamanje.