Ungqongqoshe weZemidlalo uyalobizela ukuxosha kwasani kwiSafa kodwa…
SIHLE NGUBO
‘Ukube nginawo amandla okubaxosha ngabe sengikwenzile lokho kodwa manje anginawo lawo mandla ukukhuluma iqiniso.’
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe weZemidlalo, uBuciko namaSiko, uGayton McKenzie, ngesikhathi ekhuluma ngezinto ezenzeka kwiSouth African Football Association (Safa) njengamanje.
Kuningi okwenzeka kwiSafa futhi kuyamnenga kakhulu uNgqongqoshe. Abadlali bamaqembu esizwe nabaqeqeshi awo abakhokhelwe imali yabo.
Ngakolunye uhlangothi umengameli weSafa, uDanny Jordan, uhamba icala lokukhwabanisa imali elinganiselwa ku-R1.3 million, nabanye ababili abasebenza kule nhlangano.
Kusanda kuvela ukuthi iSafa seyicele umnyango weZemidlalo kuzwelonke ukuthi uyitakule ngo-R5 million ngoba le nhlangano eyengamele ibhola ayinayo imali njengamanje. Lokhu kuqinisekisiwe uMcKenzie enkulumeni yakhe.
“ISafa ayenzi ubulungiswa ebholeni lethu. Uma ungabakhokheli abadlali…laba badlali basibekisele indawo (kwi-Afcon). Abantu kumele bakhokhelwe ngalokho abakwenzile kodwa lokho akwenzeki,” kusho uMcKenzie.
“Amanye amazwe ehluliwe, awazange akwazi ukuzibekisela indawo kodwa asebakhokhele abadlali. Ngikhuluma ngamazwe angazange akwazi ukuzibekisela indawo kwiNations Cup (Afcon) asebakhokhele abadlali.
“Thina sikwazile ukuzibekisela indawo kwi-Afcon kodwa abaqeqeshi bethu abakhokhelwe. Abadlali bethu abakhokhelwe.
“IBanyana Banyana ayikhokhelwe. IBafana Bafana ayikhokhelwe. Sinomqeqeshi osezingeni eliphezulu uHugo Broos. Uyabona uma ungakhokhelwa kuzoqhamuka abathile bakununusele ngomsebenzi bese uvele uhambe.
“Manje sekumele silahlekelwe uHelman Mkhalele. Kumele silahlekelwe yibo bonke laba bantu, ngenxa yokungenzi izinto ngendlela eqondile kweSafa.
UMcKenzie uthe iSafa iyicelile imali emnyangweni wakhe kodwa basafuna ukwenza uphenyo kuqala, ukuze kuvele ukuthi kwenzekani ngemali kule nhlangano.
“ISafa ayiyiqondi into esengiyenzile njengamanje. Lo R5 million wokukhokhela abadlali yimali okungabe bayitholile vele ngo-Ephreli kodwa ngithe kubona ngicela umbiko ophelele uma senibe nomhlangano webhodi, ngoDisemba 18. Ngizwa kuthiwa bawuhlehlisile umhlangano,” kuqhuba uMcKenzie.
“Ngibuyelile kubona ngathi ngisawudinga lowo mbiko. Kumi kanjani ngesimo semali kinina? Kungani nizithola nikulesi simo? Ngabe nizophuma kanjani kulesi simo? Sifuna ukwazi.
“Ngizoqoqa lonke lolu lwazi, bese uma seluphelele ngithathe izinyathelo ezifanele. Kumele ngiqaphele ngoba abantu bathi ‘McKenzie uDanny (Jordan) kumele ahambe’.
“Ngeke ngikwazi ukususa uDanny ngoba lokho akukho ezandleni zami. Lokho ukugxambukela bese sizithola sidingiswa, abantu baphinde bathi sesidingisiwe manje ngenxa yalo ngqongqoshe.
“Kumele ngehlise umoya bese ngithole indlela ekahle yokungena kwiSafa. Kungani becela imali?
“Uma nje beke bathatha imali yami njengongqongqoshe. Uma ngike ngasayina ngakunika imali kahulumeni nomphakathi, sesinelungelo lokusho okuthile.
“Uma iFifa ingibuza ngizoyitshela ukuthi sikhuluma ngemali esabanika yona. Kwenzekeni kuleyo mali?
“Sizokwenza uphenyo olunzulu futhi angicabangi ukuthi iFifa izodinwa. Sidinga uphenyo olunzulu ukuthola ukuthi kwenzekani ngempela.
“Kungani abadlali bebhola lombhoxo bengenayo inkinga yemali? Abadlali bekhilikithi abazitholi bebamba beyeka ngemali.
“I-Cricket South Africa (CSA) ino-R800 million ebhange. Kwenzeka kanjani ukuthi iSafa ingakwazi ukukhokha u-R4.5 million? Yinto engeyinhle le.”