IDowns ibuyise izinduku kwiStellies
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns ilahle inqwaba yamathuba kodwa yagcina ishaye iStellenbosch FC ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eDHL Cape Town Stadium, eKapa, ngoLwesithathu ebusuku.
Leli qembu laseChloorkop licisho lazigwaza ngowalo ngokugeja oqekelele kulo mdlalo kodwa ngenhlanhla langalidedela igoli.
ISundowns ibingazicanaseli kulo mdlalo kodwa ibilokhu iwathola amathuba okushaya amagoli, igqobhoza udonga lweStellenbosch.
Ngomzuzu ka-18 u-Iqraam Rayners uqondane ngqo nonozinti uSage Stephens, wamdlula washaya igoli kungasenanozinti emapalini, kwaba ngu 1-0.
Ngemuva kwalokho ompetha beligi bathole inqwaba yamathuba kodwa behluleka ukwandisa amagoli. Bezingaya ekhefini iDowns ihamba phambili ngamagoli amane kodwa kwagqama ukugeja kubadlali baleli qembu.
Amagoli abengenza kuyiwe ekhefini sekuphelile ngeStellies, agejwe uyena uRayners namabili ayekwe uLucas Costa Ribeiro ishaye eceleni (kabili) engasekho uStephens emapalini.
Ngesiwombe sesibili iSundowns iqhubeke lapho ibigcine khona kodwa yaphinde yehluleka ukushaya elinye igoli. Lokhu kwenze iStellies yavuka emaqandeni ikakhulukazi ngemuva kokuthi umqeqeshi uSteve Barker enze ushintsho.
Nalo iqembu lasekhaya lithole inqwaba yamathuba okushaya amagoli kodwa lahluleka lancama ukubeka ibhola enethini.
Ukunqoba kweSundowns kwenze yavula igebe lamaphuzu amathathu esicongweni selogi yePremieship. Iphinde yaziphindiselela kwiStellies eyiwashise ijezi kwiMTN8 ekuqaleni kwesizini.
Emdlalweni olandelayo iDowns izobhekana naMaZulu FC eMoses Mabhida Stadium, ngoDisemba 24.