URabada noJansen baweze amaProteas ngelibanzi eCenturion
SIHLE NGUBO
INingizimu Afrika izodlala kowamanqamu weICC World Test Championship eLord’s e-England, kusukela ngoJuni 11 ngonyaka ozayo.
Lokhu kulandela ukushaya iPakistan ngamawikhethi amabili kwiTest yokuqala eSuperSport Park, eCenturion, ngeSonto. Ngokunqoba le Test iNingizimu Afrika iqinisekise ukuthi izibekisela indawo kowamanqamu weTest Championship, njengoba kuyiyona ezihola phezulu.
IPakistan iyona ebhethe kuqala kule Test yenza ama-run angu-211, yaphuma yonke. Iphendula iNingizimu Afrika yenze ama-run angu-301 nokuchaza ukuthi ibisihamba phambili.
Kube sekuba yisikhathi sePakistan ukuthi ibhethe kwi-innings yesibili, yakwazi ukwenza ama-run angu-257 nokuchaza ukuthi iNingizimu Afrika ibidinga ama-run angu-148 ukuze inqobe umdlalo.
U-Abbas akwenzekanga kwaba lula eqenjini lasekhaya njengoba ethathe amawikhethi ayisithupha. UKagiso Rabada noMarco Jansen baweze amaProteas behlanganisa ama-run angu-50 emabholeni angu-51 kuphela.
URabada uqede enama-run angu-31 kanti uJansen wenze angu-16. I-Test yesibili iseKapa kusukela ngoJanuwari 3.