IBetway Premiership

OweDowns ufuna bamqaphe ngolokhozi uBen 10 woSuthu

SIHLE NGUBO 

USiphelele Mkhulise weMamelodi Sundowns, uthi kuzomele bamqaphele uBongani “Ben 10” Zungu njengoba bezobhekana naMaZulu FC emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesibili ngo-3.30 ntambama.

UZungu usanda kwethulwa Usuthu njengomdlali walo omusha, ehambisana noMthethwa obekwi-Orlando Pirates.

Lo mdlali, oneminyaka engu-32, ugcine ukudlala kuBafana Ba’Style ngaphambi kokwehlukana neqembu ekupheleni kwesizini edlule.

UMkhulise uthe ngeke balweye Usuthu kulo mdlalo futhi kumele bambheke ngawokhozi uBen 10.

“UBongani (Zungu) umdlali omuhle kakhulu, sonke siyazi ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu. Nakanjani uzofika nokuthile kuMaZulu,” kusho uMkhulise.

“Ngicabanga ukuthi kumele siqaphele siphinde silungele noma yini ngoba angasazi uzodlala noma ngeke adlale yini.

“Kodwa yena ungumdlali omuhle futhi siyazi ukuthi yini angayenza osukwini.”

UMkhulise uthe AmaZulu akulona iqembu abangalithatha kancane njengoba beya kulo mdlalo eThekwini.

“Silindele umdlalo onzima kakhulu ngoba nabo bafuna amaphuzu futhi badlalela ekhaya,” kuqhuba lo mdlali.

“Ngakho lona kuzobe kungumdlalo ongelula neze. Banabadlali abahle futhi bebelokhu bedlala kahle kodwa bengayitholi imiphumela emihle ngesinye isikhathi.”

ISundowns isanda kulanda umqeqeshi omusha uMiguel Cardoso. Emidlalweni emibili yeligi Abafana Ba’Style basanqobile ngaphansi kukaCardoso.

Ngakolunye uhlangothi Usuthu lunomgqigqo ongemubi njengoba selunqobe imidlalo emithathu kwemine oluyidlalile.