Usewutholile umsebenzi umdlali obesesola umsamo ngamashwa
ALFRED NGUBANE
Usegcine elitholile iqembu azodlala kulo uKudakwashe Mahachi obeseqala nokusola amaloyo nomsamo wakhe ngokulahlekelwa wumsebenzi kalula.
Lo mdlali – owake wasolwa ngokushisa kabuhlungu indodana yakhe okwaholela ekutheni ishone – ubesephinde wazithola engenaqembu.
Ngesikhathi ebekwa icala lokubulala indodana yakhe wayedlala kwiSuperSport United eyamlaxazisa okwamafinyila.
Uhlale iminyaka emibili ehamba leli cala eligcine limthethile kodwa kwasho ukuthi usesele nomaka omubi omenza inukani emaqenjini akuleli.
Nokho ekuqaleni kwale sizini kubonakale sengathi izinto zibuyela esimweni ngesikhathi esayinwa yiqembu laseGhana iFC Madeama.
Akuphelanga kwazinyanga eziyisithupha leli qembu lamchitha, likhala ngesimo sakhe sokulungela ukudlala.
Kodwa ke kuleli sonto usephinde wawuthola umsebenzi njengoba esayine inkontileka yeminyaka embili neManica Diamonds ngakubo eZimbabwe.
Ukubuyela kwakhe eZimbabwe kukhomba ukuqina kwebhola elikhokhelayo kuleli lizwe njengoba noKhama Billiat esanda kkubuyela khona.
Laba badlali – abanekhono elihle futhi abazakhela igama kwiDStv Premiership – sebeyohlangana enkundleni emidlalweni weCastle Premier League kwelakubo.
UBilliat yena ususe umsindo njengoba ebebhekwe amaqembu amaningi eZimbabwe, kodwa wagcina eqoke iYadah FC.
Ushiye iDynamos ingakholwa njengoba kuvela ukuthi ubeyithembisile ukuthi uzoyojoyina.
FUNDA NALA: Uzibona engenza kangcono kwiBafana uBenni McCarthy
Kuze kwaxoshwa isikhulu sayo esaphumela obala samsola ngobuqili njengoba kunguye owabasukela, qede wabambisa iqanda lenjelwane.