AmaProteas

AmaProteas avale imidlalo yeTest ngokubhudluza iPakistan eKapa 

SIHLE NGUBO 

INingizimu Afrika ibhaxabule iPakistan ngamawikhethi ayishumi kwiTest yesibili ngosuku lwesine eNewlands Stadium, eKapa, ngoMsombuluko ntambama.

AmaProteas abesenqoba iTest yesikhombisa kulandelana nokuyinto ewabeke kowamanqamu we-ICC Test World Championship, lapho ezodlala khona ne-Australia, eLord’s, e-England, kusukela ngoJuni 11 nonyaka.

INingizimu Afrika iyona iwine ithosi ngosuku lokuqala (ngoLwesihlanu) yakhetha ukubhetha kuqala.

Ngesikhathi amaProteas ena-70/3 akungabazeki ukuthi iPakistan yayibona isilibambile iqembu lakuleli, kanti ayibuzanga elangeni.

Ukudlala kahle kukaRyan Rickelton (259), ukaputeni uTemba Bavuma (106) noKyle Verreyne (100) kwenza amaProteas ahlanganisa ama-run angu-615 ngosuku lwesibi.

Iphendula iPakistan ikwaze ukwenza ama-run angu-194 kwi-innings yokuqala, yaphuma yonke. UBavuma ube eseziphindisela ensimini izivakashi, wathi azibhethe futhi (follow on).

Kwi-innings yesibili iPakistan yenze kahle kakhulu kuneyokuqala, njengoba iphume isina-472. Nokho konke lokho bekungenele njengoba bekusho ukuthi iNingizimu Afrika ibidinga ama-run angu-58 kuphela ukuze inqobe iTest yesibili kanjalo nochungechunge lwemidlalo emibili ngo 2-0.

Kungene uDavid Bedingham no-Aiden Markram abebenomsebenzi olula kakhulu. UBedingham udlale sengathi udlala iT20 enza ama-run angu-47 emabholeni angu-30, kwathi wenza angu-14 njengoba kuphele ngo-61/0.

Kulo mdlalo uKagiso Rabada uthathe amawikhethi ayisithupha kwathi uKeshav Maharaj wathatha amahlanu. UKwena Maphaka, obeqala ukudlala kwiTest, wathatha amathathu.