ICeltic isendleleni ebuyela kwiPSL, iRoyal AM ingase iThwihlizeke ishabalale
PHILI HLONGWANE
Kungase kwenzeke obekungalindelekile ukuthi iBloemfontein Celtic izithole ibuyela kwiPremiership bese kuphele kanjalo ngeRoyal AM enenkinga yemali njengamanje.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi iCeltic ikhipha isitatimende lapho iveze khona ukuthi iyahoxa ukudlala kwi-ABC Motsepe League ngokushesha, futhi isezinhlelweni zokubuyela kwiPremier Soccer League (PSL).
Konke lokhu kuvele kwasolisa ukuthi kuthinta iRoyal AM engakwazi nokunyakaza ngenxa yezikweletu ezibalelwa emalini engaphezulu kuka-R50 million.
“Siyaxolisa ukumemezela ukuthi iBloemfontein Celtic FC seyithathe isinqumo sokuhoxa kwi-ABC Motsepe League ngokushesha kule sizini ka-2024/2025,” kusho isitatimende esithunyelwe yiCeltic.
“Ngokucabangela abantu baseFree State namaphethelo, iqembu selinqume ukulidedela igama lalo nakho konke okuthinta lona, lilinike labo abasesimeni esikahle ukuthi bangenza iqembu liphinde libonakale kwiPremier Soccer League.
“Kukho konke lokhu esesikuchazile ngenhla, sithanda ukuxolisa ngokuphazamiseka okuzoba khona njengoba kuqhubeka lezi zinhlelo.”
IThwihli Thwahla ithole ilungelo lokudlala kwiPremiership ngokuthenga isitifiketi kwiCeltic ngo-2021. Kuyinto emangazayo ukuthi ngemuva kweminyaka emithathu nohhafu iPhunya Sele Sele iyona esingase ibuyele kwiPremiership ngokuthenga isitifiketi sayo kwiRoyal AM.
Kubheda ekugcineni kwezikaShauwn Mkhize njengoba zihlehlise umdlalo wazo neChippa United ngoJanuwari 11, ngoba abadlali bengayi ejimini kulandela ukungaholi ngoDisemba.
Ngaphezu kwalokho zonke izinto ezithinta uMkhize ziphethwe yiSARS manje njengoba eyikweleta isizimbulu sezigidi.
Impempe itholile ngomthombo othembekile ukuthi okwenziwa yiCeltic kungamalungiselelo okuthenga iRoyal AM bese ifeze isifiso sabantu baseFree State – ukubuyisa iSiwelele Samasokolara.