Ungubani lo Suarez osayine kwiMamelodi Sundowns?
SIHLE NGUBO
Ompetha beligi, iMamelodi Sundowns, abazibekile phansi ngokusayinisa abadlali njengoba kuvulwe iwindi elizovalwa ekupheleni kukaJanuwari.
EzaseChloorkop sezilande uLucas Suarez wase-Argentina ozohlala eqenjini, ebolekisiwe, kuze kuphele isizini.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 udlala ngenxele kanti ukwazi ukudlala maphakathi emuva nakwesokunxele khona emuva.
USuarez ubebolekiswe kwiTalleres yase-Argentina kusukela ngo-2022. Ngaphambi kwalokho ubebolekiswe kwi-Arsenal Sarandi phakathi kuka-2021 no-2022.
Lo mdlali usemabhukwini e-Estudiantes RC afike kuyona ngo-2018. ISundowns inalo ithuba lokumsayinisa inkontileka ende uma yeneliseka yindlela adlala ngayo.
Abafana Ba’Style basanda kusayinisa uLebogang Mothiba ozohlala eqenjini izinyanga eziyisithupha ebolekisiwe. Naye lo mdlali kubhekwe ukuthi imelulele inkontileka iSundowns uma ichazeka yilokhu ezokubona kulesi sikhathi azosihlala eChloorkop
Omunye umdlali osayine kwiSundowns uJayden Adams obedlalela iStellenbosch FC. Lo mdlali unekusasa eliqhakazile futhi uyabizwa naqenjini lesizwe iBafana Bafana.