Owe-Arrows uzibusise ngegoli ngosuku lokuzalwa bebambana neRockets
SIHLE NGUBO
ILamontville Golden Arrows iyeke ithuba lokuxaxama kwilogi ngesikhathi ibambana ngo 1-1 neTS Galaxy emdlalweni weBetway Premiership, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo.
Bekungashona elangoMgqibelo Abafana Bes’thende sebesendaweni yesine kwilogi yePremieship kodwa iRockets yangakuvuma lokho. Imidlalo phakathi kwala maqembu ihlale inzima futhi akulula ukuqagela ukuthi yiliphi elisuke lizokhala ngaphansi.Umdlalo bewulingana ngesiwombe sokuqala futhi womabili amaqembu abebukeka eyingozi kakhulu uma eya phambili.
Ngomzuzu ka-17 igoli le-Arrows ligcine liqhamukile. Lingqofelwe phakathi uVelemseni Ndwandwe kade kuyikhona. UNdwandwe bekuwusuku lwakhe lokuzalwa ngoMgqibelo njengoba eshaye igoli.
IRockets ayizange izibeke phansi, iqhubekile nokudlala ibhola ebilidlala ngaphambi kwegoli. UVictor Letsoalo ushaye elokulinganisa ngekhanda ngomzuzu ka-21, kwacaca ukuthi asazolandela amanye amagoli.
Nokho akubanga njalo njengoba ziye ekhefini kungu 1-1, yize womabili amaqembu ewatholile amathuba okushaya amagoli.
Ngesiwombe sesibili amaqembu abesedlala ngokuqaphela emuva, ukuthi angalidedeli igoli. Lokhu kwenze ukuthi angakhi amathuba amaningi okushaya amagoli.
Ukudlala ngokulingana kwaBafana Bes’thende kubaphuthisele nethuba lokwenyukela endaweni yesine kwilogi yePremieship, ngaphambi komdlalo weKaizer Chiefs neSekhukhune United ngeSonto.
I-TS Galaxy nayo isahleli endaweni endaweni ka-11 kanti ukunqoba bekuzokwenza ikhuphuke kakhulu.