I-PSL ayifuni ukucacisa ngemali ezotholwa ompetha beBetway Premiership
SIHLE NGUBO
I-Premier Soccer League (PSL) ayikafuni ukuphumela obala mayelana nemali ezotholwa ompetha beBetway Premiership ekupheleni kwesizini ka-2024/2025.
I-Betway isanda kuthatha izintambo njengabaxhasi abasha bePremiership, kulandela ukushiya kweMultichoice. Le nkampani yokugembula ifake u-R900 million esivumelwaneni seminyaka emithathu.
Nokho bekungakacaci ukuthi kukhona yini okuzoshintsha mayelana nemihlomulo ezotholwa amaqembu kule sizini ezoqala. Ngaphansi kweDStv Premiership ompetha beligi bebethola u-R15 million.
Impempe ibe seyibuza kuFhatuwani Mpfumi, okhulumela iPSL, ukuthi yini ingavezwa imali ezotholwa ompetha beligi nokuthi yona indebe uqobo iphi.
“Mayelana nemali hlala nje uthule uzozwa,” kuphendula uMpfumi ngamafushane.
Ube eseyalela intatheli ukuthi ibheke isitatimende esikhishwe yiPSL mayelana nendebe yeBetway Premiership. Ngokwesitatimende kuzoze kwenziwe nefilimu ethile ethinta le ndebe kodwa akuveli ukuthi abalandeli bazoyibona nini yona indebe uqobo..
“Ukwakhiwa kwendebe yePremieship (yiBetway) kuzoba nokuhlanganyela neciko uNelson Makamo. Indebe izoveza umlando weligi bese ibe nawo wonke amaqembu aseke ayinqoba phambilini,” kusho ingxenye yesitatimende sePSL.
“Ukwenziwa kwendebe kuzofakwa kwifilimu ezokhishwa izikhawu ezintathu ngesikhathi kuqhubeka isizini.”
Imidlalo yePremieship iyaqala ngempelasonto kaSepthemba 14. Kuyacaca nokho ukuthi izoqala abalandeli bengazi ukuthi ompetha bazothola malini, nokuthi indebe ezodlalwa bazobe bengakayiboni.