UZwane noVilakazi bashaye into ecokeme kunqoba iChiefs koweligi
SIHLE NGUBO
UBonge abaqeqeshi nozakwabo uSamkelo Zwane weKaizer Chiefs ngemuva kokuthi ezakhe zinqobe ngo 1-0 kwiSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto.
UZwane udlale kahle kakhulu kulo mdlalo ebambisene noSibongiseni Mthethwa kanjalo noGeorge Matlou esiswini. Uqokwe njengomdlali ovelele.
“Ngiyabonga kakhulu ngethuba lokuqala umdlalo. Bengilokhu ngisebenza kanzima. Ngibonga ozakwethu ngokuthi sidlale ngokubambisana,” kusho uZwane ngemuva komdlalo.
“Umqeqeshi ungitshele ukuthi ngidlale nginyuke, ngingahlali emuva. Kuke kwaba khona ukudideka ukuthi ibhola lizobanjwa ubani (phakathi kwami noMfundo) kodwa ngiyajabula ukuthi ekugcineni igoli lingenile.”
Njengokujwayelekile iChiefs ibiwuphethe umdlalo esiwombeni sokuqala futhi yakhe inqwaba yamathuba okushaya amagoli. Akuvumanga nokho ukuthi ziye ekhefini isilishayile igoli kulo mdlalo.
Okuhlalukile ukuthi iSekhukhune beyizama ukuxina iChiefs uma iphethe ibhola emuva, ilindele ukuthi yenze amaphutha bese izama ukuyihlawulisa.
Umdlali weChiefs othole amathuba okushaya amagoli ngesiwombe sokuqala, uWandile Duba. Kuze kwaba kabili eqondana nonozinti kodwa lutho ukubeka ibhola enethini.
Ngesiwombe sesibili umdlalo bese ulingana kodwa iChiefs ibilokhu iyingozi uma iya phambili. Kuvele konakala ngomzuzu ka-84 ngesikhathi uVuyo Letlaba ethola ikhadi elibomvu kukandela ukudlalisa kabi uMfundo Vilakazi.
Lo mdlali osemncane weChiefs (uVilakazi) ubuye ukweleshwa ngaphandle washaya igoli ngomzuzu ka-86, kwachwaza iMoses Mabhida Stadium.
Ukunqoba kweChiefs kuyibuyisele endaweni yesihlanu kwilogi yePremieship ngamaphuzu angu-21. IBabina Noko yona isazohlala endaweni yesine njengoba yehluliwe kulo mdlalo.
Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neFree Agents kwiLast 32 yeNedbank Cup, kanti iSekhukhune izobhekana neCape Town City kuwona lo mqhudelwano.