USithebe akamsabi u-Edson Castillo ofikayo kwiChiefs
Njabulo Shezi
Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uSiyethemba Sithebe akumsabisi ukufika kuka-Edson Castillo waseVenezuela abazobanga naye indawo kuleli qembu.
U-Edson Castillo, ongowokuzalwa eVenezuela futhi oneminyaka engu-29 ungomunye wabadlali abasha kwiChiefs nokubhekwe lukhulu kubo ngesizini ezayo.
Udlala indawo efanayo noSithebe esiswini maphakathi nenkundla. Kuyacaca ukuthi umbango wale ndawo uzoshuba njengoba kukhona noYusuf Maart khona lapho.
“UCastillo ungumfana olungile. Ngike ngamvakashela ehhotela,” kusho uSithebe ngesikhathi kwethulwa ijezi leChiefs ngeviki elidlule.
“Ngeke ngithi manje nginengcindezi noma nginokwesaba. Kwesinye isikhathi umbango wezindawo zokuqala imidlalo ubaluleke ukwedlula noma yini ebholeni.
“Lokho kungoba ukwenza usebenze kanzima futhi uzikhandle ngaso sonke isikhathi.
“Ukufika kwakhe kuyangigqugquzela ukuthi nginyuse amasokisi,” ucashunwe esho kanje uSithebe.
U-Edson Castillo ujoyine iChiefs esuka kwiMonagas yaseVenezuela ekuqaleni kukaJulayi. Yize esabonakale kabili edlala, usakhombise izimpawu zokuthi ungumdlali okhaliphile kanti nomqeqeshi waMakhosi, uMolefi Ntseki usale enconcoza.
UNtseki akakwazanga ukuzibamba encoma u-Edson Castillo ngemuva kokuhlulwa kwabo ngo 1-0 yiTownship Rollers yaseBotswana eGaborone ngempelasonto.
Yize behluliwe kulo mdlalo, uCastillo udlale ibhola elithembisayo ukuthi ayidukanga iChiefs ngokukhipha izimali ezishisiwe iyomlanda.
Kwabanye babadlali azobanga nabo ijezi kwiChiefs lo mdlali, kukhona uSamkelo Zwane noSabelo Radebe.
Ikhono lakhe nokho lizothola ukuvivinyeka kahle uma iChiefs seyiqale imidlalo yeDStv Premiership ezoqala kule mpelasonto.
FUNDA NALA: Ucelelwa itoho uKudakwashe Mahachi osephenduke unukani
Amakhosi azoqala ngeChippa United emdlalweni wasekhaya akhethe ukuwusa eMoses Mabhida Stadium eThekwini. Lo mdlalo ungeSonto ntambama.