ULorch uzokwethulwa yiqembu elisha, u-Appollis akaseneme kwiPolokwane
SIHLE NGUBO
UThembinkosi Lorch kulindeleke ukuthi amenyezelwe yiWydad Athletic Club, yaseMorocco, njengomdlali wayo omusha, lingakashoni elangoLwesihlanu.
Lo mdlali weMamelodi Sundowns uzobolekiswa kuleli qembu laseMorocco kuze kuphele isizini ka-2024/2025.
Kuleli qembu uLorch uzohlangana nomqeqeshi wakhe wakudala uRulani Mokwena, oshiye iSundowns ekupheleni kwesizini edlule, wajoyina iWydad.
UMokwena uyena olethe uLorch kuBafana Ba’Style ngesizini edlule, esuka kwi-Orlando Pirates. Nokho lo mdlali ufike wahlushwa ukulimala kuleli qembu laseChloorkop.
Selokhu kufike ithimba elisha labaqeqeshi kwiSundowns, eliholwa uMiguel Cardoso, uLorch ubengakalitholi ithuba lokudlala akhombise abaqeqeshi ukuthi yini akwazi ukuyenza.
NgeSonto eledlule kuqubuke imibiko yokuthi uLorch uya kwiKaizer Chiefs. Nokho le mibiko ibukeka ingashayi khona njengoba lo mdlali evele esebheke eMorocco ukuyohlangana noMokwena.
Omunye umdlali azomfica kuleli qembu uLorch, owake wadlalela iSundowns uCassius Mailula. Kuvele ukuthi uMailula ubehlangabeze uLorch ukuthi balibhekise eMorocco.
Bebehamba noSiphelele Mkhulise olibhekise e-Algeria lapho eyosayina khona eqenjini elisha. Lo mdlali yena useyayishiya ngokuphelele iSundowns.
ULebogang Maboa wayo iSundowns ubolekiswe kwiSuperSport United kuze kuphele isizini. Kuyavela ukuthi la maqembu angase axoxe ngokuthi angabe esabuya uMaboa uma konke kuhamba kahle.
Namanje akukacaci ukuthi u-Oswin Appollis wePolokwane City uzoqhubeka yini nokudlala kuleli qembu, noma lizoshona esesayine kwelisha. Kunemibiko yokuthi u-Appollis akasafuni ukudlala kwiRise and Shine futhi akajabule ngokuthi bayamvimba ukuthi ahambe.
Sekunesikhathi eside lo mdlali weBafana Bafana emataniswa nokujoyina iChiefs. Akucaci ukuthi yini evimbile…iwindi lokusayinisa abadlali liyavalwa ngoLwesihlanu, ngoJanuwari 31.