IChiefs yethule abadlali abasha ngaphambi kowomkhaya neBucs
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs iqede ukuqagela kubalandeli bayo yethula ngokusemthethweni uMakabi Lilepo ongumdlali wasophondweni, obedlalela iValenciennes CF yaseFrance.
Lo mdlali wasophondweni oneminyaka engu-27, utheleke eNingizimu Afrika ngeledlule. Ubezohlolwa ukuthi ungumqemane yini bese esayina inkontileka neChiefs.
Omunye umdlali owethulwe ngokusemthethweni yiChiefs uThabo Cele. Lo mdlali weBafana Bafana, ubedlala kwiFC Favel Voronezh yaseRussia.
ULilepo udabuka eDemocratic Republic of Congo. Kuvela ukuthi akhona amanye amaqembu abemfuna e-Europe naseTunisia kodwa ukhethe ukuzodlalela iChiefs ngenxa yomqeqeshi uNasreddine Nabi.
KwiChiefs laba badlali bazofica uTashreeq Morris osanda kusayina evela kwiSuperSport United. UMorris uphambane noChristian Saile obengalitholi kahle ithuba lokudlala ngaphansi kukaNabi.
USaile ubesaqale imidlalo emibili selokhu kuqale isizini, kanti kwemine ungene esuka ebhentshini. Lo mdlali odabuka eCongo naye, bekuvele kubhekwe ukuthi kube uyena ovula isikhala somdlali omusha ovela ngaphandle kwiChiefs.
IChiefs izibekisele indawo kwiLast 16 yeNedbank Cup kulandela ukushaya I-Free Agents FC, edlala kwi-ABC Motsepe League, ngo 4-0 ngempelasonto.
Amakhosi alungiselela umdlalo weBetway Premiership azowudlala ne-Orlando Pirates, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Akwaziwa ukuthi azobe eselungile yini amaphepha kaLilepo ukuthi adlale umdlalo wakhe wokuqala egqoke imibala yeChiefs, emdlalweni womkhaya ongeminye yaleyo ehlabahlose kunayo yonke emhlabeni.