IBetway Premiership

OweBucs ukhale ngobunzima benqoba iSekhukhune 

SIHLE NGUBO 

Ukhale ngobunzima bomdlalo uMakhehleni Makhaula we-Orlando Pirates kulandela ukushaya iSekhukhune United ngo 2-1 koweBetway Premiership, eNew Peter Mokaba Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

IBucs kuphele umdlalo seyibambe umoya njengoba iBabina Noko bese ifika kuvalwe amehlo. UMakhaula ube umdlali ovelele kulo mdlalo.

“Bekunzima namuhla kodwa kuhle ukuthi sikwazi ukushaya amagoli amabili,” kusho uMakhaula ngemuva komdlalo.

“Abadlali babo abebesuka ebhentshini basinike ubunzima kakhulu. Besidinga ukuthola amaphuzu amathathu kodwa imizuzu engu-15 yokugcina ibinzima.

“Bafakwe uLinda Mntambo….nokho sesidlulike kulo mdlalo manje sesibheke oweSundowns.”

IPirates ikhombise zisuka ukuthi ibifuna ukulishaya kuqala igoli ngendlela ebicindezela ngayo emizuzwini yokuqala.

UPatrick Maswanganyi udlaliswe kabi ngaphandle kancane kwebhokisi. UDeon Hotto akalenzanga iphutha wayibeka phakathi i-free kick ngomzuzu wesihlanu.

Ngemuva kwalokho bekulokhu kuyiBucs ebiyingozi uma iya phambili. Nokho iSekhukhune izamile ukuthi ingadedeli igoli lesibili zaze zaya ekhefini kungu 1-0.

Isiwombe sesibili iphinde yasiqala kahle iPirates, uMakhehleni Makhaula engqofela phakathi igoli ngomzuzu ka-47.

Kulokhu uHotto uyena ovuse inyamazane, wagoba ibhola elithole uMakhaula wagxuma waliqabulisa inethi kwaba ngu 2-0.

IBabina Noko izamile ukwenza ushintsho kodwa langaqhamuka igoli. Kulo mdlalo bese kuphuma amakhadi aphuzi elandelana ngenxa yokudlala kabi kwabadlali.

Ligcine lingenile igoli ngomzuzu ka-77 kanti lize noLinda Mntambo. Lokho kwenze ukuthi iBabina Noko ikholwe ukuthi ingalithola elokulinganisa.

Bese kuvalwa amehlo emzini wePirates kanti kuze kwaba kabili kulamula unozinti uSipho Chaine seyifikile iSekhukhune.

Ukunqoba kwePirates akushintshanga izinto eziningi njengoba neMamelodi Sundowns inqobile ngoLwesithathu. Ompetha beligi babhaxabule iSuperSport United ngo 3-0 eLucas Moripe Stadium.