EzakamuvaIBetway Premiership

UMngqithi uzanyelwa iqembu azolicija ngaphandle kwaseMzansi

SIHLE NGUBO

Uzanyelwa umsebenzi ngaphandle kwaseNingizimu Afrika umqeqeshi uManqoba Mngqithi, osanda kushiya iLamontville Golden Arrows, njengoba inkontileka ibiphela ngoJuni.

UMngqithi akanalo iqembu kulandela ukushiya Abafana Bes’thende yize efake iqembu kwiTop 8 ngesizini edlule.

Ngokusho kophethe izindaba zalo mqeqeshi, uMike Makaab, weProsport International, awekho amaqembu akuleli angakwazi ukusebenza kuwona uMngqithi.

“Simatasa simzamela ngaphandle kwezwe. Bakhona abakhombisa ukuthi bayamdinga,” kusho uMakaab.

“Kumele kube umsebenzi okahle kuyena. Ungumqeqeshi onamava kakhulu ngakho ufanelwe umsebenzi oqondile azogxila kuwona.”

UMngqithi awangatshazwa amava akhe ekuqeqesheni njengoba ehlale isikhathi eside kwiMamelodi Sundowns, njengephini likaPitso Mosimane noRulani Mokwena.

Ngemuva kokuhamba kukaMokwena lo mqeqeshi, odabuka eMzimkhulu, unikwe isikhundla sokuba yinhloko yabaqeqeshi kuBafana Ba’Style.

Nokho akahlalanga kakhulu njengoba iqembu limchithile lalanda uMiguel Cardoso.

Ube esebuyela kwi-Arrows, nokuyilapho agqama khona enqoba iMTN8 naleli qembu laseThekwini.

Ukushiya kwakhe bekungalindelekile uma kubhekwa ukuthi iqembu libe nesizini enhle ka-2025/2026, lazibekisela indawo kwiTop 8, liqeda endaweni yesithupha.

I-Arrows ayipholisanga maseko njengoba seyiqashe uPitso Dladla njengomqeqeshi wayo.

UDladla ube nesizini enhle neDurban City ayisize yanqoba iNedbank Cup, yazibekisela indawo kwiCAF Confederation Cup.

Nokho iCity iqome ukulanda uYoussef Ben Khalil, obecija iKaizer Chiefs ngokubambisana noCedric Kaze, osezoqeqesha iSekhukhune United.

Kuvele ukuthi uDladla ngeke akwazi ukuqeqesha iCity kwiCAF Confederation Cup ngoba akanaso isicucu seCAF.

Kwi-Arrows uDladla uzosizwa uJames Madidilane njengephini, kanti uJacob Mokhasi uzocija onozinti.