IBetway Premiership

OweDowns ukhala ngokuhlanganyelwa kukaRibeiro abadlali bePSL

SIHLE NGUBO 

Ukhala ngokumakwa yiqulu komdlali wakhe uLucas Ribeiro, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso.

Muva nje akunyakazeki kulo mdlali obeshaya amagoli kalula aphinde azidlulele kubadlali sengathi ummese oshisayo usika ibhotela.

Okuhlalukayo ukuthi amaqembu amaningi asevele athumele abadlali ababili noma abathathu ukuthi bamake uRibeiro waseBrazil, ukuze anganyakazi ngokuthanda kwakhe enkundleni.

UCardoso uthe bayakubona lokhu okwenziwa amaqembu amaningi kodwa umdlali wakhe usazobuya abe wuhlupho.

“Ngemuva kokushaya amagoli sibhekene ne-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, okuhlalukile ukuthi amaqembu abekhathazekile ngaye,” kusho uCardoso.

“Abadlali ababili noma abathathu bese beqala ukumhlanganyela benze kube nzima kuyena ukudlala. Ngenxa yalokho asisamboni ekhululekile enkundleni.”

ISundowns ibambane ne-Al Ahly ngo 0-0 emdlalweni womlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weCAF Champions League, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo.

Kulo mdlalo Abafana Ba’Style bahluleke bancama ukukhahlela ibhola liqonde epalini waze waphela umdlalo.

Lokhu kukubeka ngokusobala ukuthi awamaningi amathuba akhiwe yileli qembu laseChloorkop.

“Into ebalulekile ukuthi abanye abadlali baqonde ukuthi uma uRibeiro ehlanganyelwa abadlali abathathu, kuvuleka izikhala okumele bona bangene kuzona.

“Yena uRibeiro kumele azame ukudedela ibhola ngokushesha uma empintshwe abadlali abaningi. Kodwa ngiyazi ukuthi uLucas uzobuyela endleleni adlala ngayo kungekudala.”