IBetway Premiership

I-TS Galaxy iSebelebele iDowns iphelele koweBetway Premiership 

SIHLE NGUBO 

UKamogelo Sebelebele uqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi iqembu lakhe, iTS Galaxy, lishaya iMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership eMbombela Stadium, eNelspruit, ngoLwesibili ebusuku.

Ngaphandle kokushaya igoli uSebelebele ubephinde asize ukuvimba emuva uma ompetha beligi behlasela, befuna igoli lokulinganisa.

ISundowns iyona ebiphethe umdlalo futhi ihlasela kakhulu esiwombeni sokuqala. Wonke lawo mathuba ayizange iwasebenzise kwaze kwasondela isikhathi sokuya ekhefini.

IRockets iyihlawulisile ngalokhu kugeja kwayo iSundowns, uSebelebele eshaya igoli ngomzuzu ka-44. Ziye ekhefini kuhamba phambili iqembu lasekhaya.

Isiwombe sesibili siphinde saqala ompetha beligi becindezela befuna igoli lokulinganisa. Nokho iTS Galaxy izamile ukubambelela futhi nayo ibisaqhubeka nokuhlasela.

ISundowns beyilokhu ihlasele njalo kodwa ingavumi ukuvuleka iRockets emuva. Kunalokho bekuvalwa amehlo uma iqembu lasekhaya lithole ithuba laya phambili emzini kaRonwen Williams.

Ompetha beligi ngeke bacashe ngalutho kulokhu kushaywa ngoba bebebophele zonke izihlabani zabo zabadlali, kumbandakanya noRibeiro Costa ojuqe i-Orlando Pirates ngempelasonto.

Ukushaywa kwiBafana Ba’Style kusho ukuthi okwesibili kule sizini bethola induku. Komunye umdlalo bashaywe yiPolokwane City ngo 1-0.

Ngakolunye uhlangothi iRockets inyukele endaweni yesine ngokunqoba iDowns ebisidlale imidlalo eyishumi ingashaywa.