UMaMkhize weRoyal AM ubukeka eyigxavune ngamasende kubuka umphakathi iPSL
SIHLE NGUBO
I-Premier Soccer League (PSL) ilokhu iqhubeke njalo nokungena ehlazweni ngenxa yenkinga ebhekene nayo yeRoyal AM.
Le nhlangano yebhola seyiqinisekise ukuthi ngeke usaba khona umdlali weNedbank Cup Last 16 othinta iRoyal AM/Milford FC neSekhukhune United, ngempelasonto.
“Njengoba kukhona izinto zakamuva zomthetho eziqhubekayo, iPremier Soccer League ayinayo enye indlela yokwenza ngaphandle kokuhlehlisa umdlalo kuze kube usuku olungaziwa,” kusho isitatimende esithunyelwe yiPSL.
“I-PSL iyaxolisa kakhulu ngokuphazamiseka kwamaqembu angamalungu, abeseka iPSL nabalandeli. Sizomemezela ngokuqhubekayo uma lesi simo esithinta lo mdlalo sesihlalukile. Iligi ngeke isaphawula ngaphezu kwalokho.”
UShauwn Mkhize, ongumnikazi weRoyal AM, kukholakala ukuthi uyifake enkantolo iPSL, ngoba efuna iqembu lakhe liqhubeke nokudlala imidlalo yePremieship esele, yize lingaphumelelanga ukudlala emihlanu edlule.
IMilford FC neRoyal AM bekumele badlale kwiLast 32 yeNedbank Cup kodwa lowo mdlalo wangaba khona eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Kuqhutshekiwe aqhathwa amaqembu azodlala kwiLast 16 kwavela ukuthi iMilford noma iRoyal AM kumele ibhekane neSekhukhune United enkundleni yaKwaZulu-Natal, ngoba elilodwa lalawa belizodlalela ekhaya.
IThwihli Thwahla inenkinga yemali futhi yonke into ethinta amabhizinisi kaMkhize ingaphansi kwabaqoqi bemali bakwaSARS. Nokho kubukeka sengathi uMkhize uyibambe ngamasende iPSL njengoba ingalixoshi iqembu lakhe l, futhi kunguyena oyigqigqisa enkantolo le nhlangano.
UMkhize ukweleta iSARS imali elinganiselwa ku-R40 million nokuyikona okwenza ukuthi iRoyal AM ingakwazi ukudlala imidlalo yePremieship. Ngaphezu kwalokho uphinde akwelete uSamir Nurkovic imali elinganiselwa ku-R12 million, kanti le mali ilokhu iqhubeke njalo nokunyuka.