Ngabe sekuphelile ngochithwe yiChiefs nyakenye?
SIHLE NGUBO
Ukumiswa kukaSiyethemba Sithebe yiRichards Bay FC ngasekupheleni konyaka odlule, kushiye abalandeli bebhola abaningi bebambe ongazansi, ongenhla bawudedela namangqomfula.
Kuvele ukuthi lo mdlali umiselwe ukuthi ukhulume okungehli kahle ngabaqeqeshi beqembu ngemuva komdlalo wabo neSuperSport United ngoDisemba 13.
Lo mdlali wayengekho enkundleni kulo mdlalo kodwa kwavela ukuthi kukhona akusho sekukhulunywa ezindlini zokushintshela, okuthiwa kwaba nokungabahloniphi abaqeqeshi.
Ngaleso sikhathi kwakubambe uRonnie Gabriel njengomqeqeshi kulandela ukuhamba kukaBrandon Truter, owayephikwa imiphumela.
Nokho Impempe ingakuqinisekisa ukuthi uSithebe kwase kungukuxoshwa kwakhe kwiBay, futhi udaba lwakhe alukho mayelana nakukhuluma ngemuva komdlalo weSuperSport.
Akekho ofuna ukuphumela obala ngalokhu kanti naye lo mdlali akaphenduli ngisho kwi-Whatsapp yakhe.
Impempe ibe seyithinta uMusa Sithebe onguyena ophethe izindaba zalo mdlali ogqame kakhulu kuMaZulu FC. Intatheli beyicela acacise ukuthi kwenzekani ngoSithebe nokuthi kukhona yini iqembu azanyelwa lona.
“Sifake isikhalazo (dispute) kwiPSL ngalolu daba. Kodwa ngicela ungithinte ngemuva kwehora ukuze sixoxe kahle,” kusho uMusa.
Intatheli izamile ukushayela uMusa ucingo ngemuva kwehora kodwa wangabe esalubamba ucingo lwakhe. Kwale noma esethunyelelwa umyalezo wangaphendula.
Ngenxa yalokho alibange lisaba khona ithuba lokubuza ukuthi ngabe uSiyethemba waxoshelwa lokhu okuthiwa wakusho ngemuva kweSuperSport ngempela yini, noma kuyiqiniso ukuthi kunesizathu sangempela hhayi lokhu okushiwoyo.
USiyethemba ufike kwiNatal Rich Boyz ngemuva kokungavuselelwa kwenkontileka yakhe kwiChiefs, ngaphambi lokuqala kwesizini ka-2024/2025.
Kuleli qembu laseMhlathuze udlale imidlalo embalwa ngaphambi kokuthi kusuke izinkinga ngoDisemba, wabe esemiswa. Njengamanje lo mdlali akanalo iqembu alidlalelayo futhi akucaci noma ujima yedwa yini.

