UNabi uveza okungamenza ashiye iChiefs
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi uzohlala kuphela eqenjini uma ethengelwa abadlali abafunayo nazosebenza nabo ngesizini ezayo.
Lo mqeqeshi usanda kunqoba iNedbank Cup neChiefs lapho beshaye khona i-Orlando Pirates ngo 2-1 kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo.
Ngemuva kwalokho kube sekuba nemibiko yokuthi iChiefs ihlela ukumchitha nethimba lakhe yize eyiqedise isomiso seminyaka eyishumi ngokunqoba iNedbank Cup.
Ebuzwa kwi-5 FM ngalokhu uKaizer Motaung Junior, akacacisanga ngokuphelele ukuthi bazimisele ngokumgcina yini uNabi.
“Usenenye isizini nathi ekhona lapha okwamanje. Kumele siqale sicubungule isimo kodwa lena yinto esiyenza njalo uma kuphela isizini,” kusho uMotaung.
“Kumele sihlale phansi sibuke emuva. Siyazi ukuthi imiphumela yemidlalo yeligi ibingahambi kahle. Siyazi futhi sisanda ukwenza into enkulu (ekhomba indebe yeNedbank Cup).”
Nokho uNabi yena uyacacisa ukuthi ngeke ayimele indaba yokulokhu ebamba eyeka ngabadlali.
“Ngabe angikhulumi iqiniso uma ngithi ngizohlala uma iqembu lingavumi ukuthi ngithole wonke amathuluzi okusebenza, ukuze ngiphumelele ngesizini ezayo,” kusho uNabi kwi-Extra Time okuwuhlelo lweSuperSport.
“Bangithembisile nami ngithembise abalandeli ukuthi ngifuna ukubumba iqembu eliphumelelayo, elincintisana kuyona yonke imiqhudelwano linqobe izindebe.
“Yilowo umbandela wami wokuhlala kwiChiefs ngoba angifuni ukwenziwa yinto engenze kule sizini.”
Phakathi kwabadlali okulokhu kuvela ukuthi bafunwa yiChiefs kukhona uFiston Mayele wePyramids SC yase-Egypt.
Leli qembu lisazobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu weCAF Champions League, lapho kuzocaca khona ukuthi indebe iya e-Egypt noma ibuyela uMzansi.
IChiefs isalelwe yimidlalo emibili ukuthi isonge isizini. Izobhekana neSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership ngoMeyi 17, bese ivale ngokuhlangana nePolokwane City ngoMeyi 24.

