IRockets ikhombise amaqembu ukuthi ucishwa kanjani uRibeiro weDowns
SIHLE NGUBO
Abalandeli abaningi bebelindele ukuthi iMamelodi Sundowns iziphuzele umhluzi kwiTS Galaxy emdlalweni weBetway Premiership, eMbombela Stadium, eNelspruit, ngoLwesibili ebusuku.
Nokho ompetha beligi bafike zigawulwe zabekwa kwiRockets ebashaye ngo 1-0 kwamangala abaningi, kwanxapha amaphanta.
ISundowns ibisanda kuqothula i-Orlando Pirates ngo 4-1 emdlalweni weligi ngempelasonto. Kulowo mdlalo bekudlange uLucas Ribeiro Costa oshaye amagoli amahle amabili.
Igoli lokuqala likaRibeiro liyohlale likhunjulwa njengoba ethwale abadlali bePirates esuka engxenyeni yakhe waze wayonekisa uSipho Chaine amanabukeni ezintini.
Nokho ngoLwesibili iRockets ibukeke imhlelele kahle lo mdlali waseBrazil ongazange agqame nhlobo kulo mdlalo.
URibeiro ukwaze ukukhahlelela ipali kanye kuphela ngesiwombe sokuqala, nokuyibhola elishaye epalini.
Ngaphandle kwalokho abadlali beTS Galaxy bebengamniki ithuba lokubamba ibhola, ukuliphasa, ingasabalwa eyokumyeka ahambe nalo. Lokhu kubukeke kumdidisa lo mdlali obezithola exiniwe njalo uma ephaselwa ibhola
Bebenza okufanayo kuMarcello Allende noPeter Shalulile abayingozi kakhulu uma ubayeka bazenzele umathanda nebhola. UShalulile uze waphuma kwangena u-Iqraam Rayners, kungekho okutheni akwenzile kulo mdlalo.
Ukunqoba kweRockets kuyibeke endaweni yesine kwilogi yePremieship. Sekuphele imidlalo engu-13 leli qembu likaTim Sukazi lingayazi induku.
Kusobala kukhona akuphekayo umqeqeshi u-Adnan Beganovic othathe izintambo kuSead Ramovic ngasekuqaleni kwesizini.
Ngemuva komdlalo uBeganovic uthe: “Ngijabule kakhulu ngalokhu kunqoba. Angikwazi nokuchaza ukuthi ngijabule kangakanani.”

