Kugqame ukushoda kwamava kubashwibi bamaProteas eguqiswa yiPakistan
SIHLE NGUBO
Abashwibi beNingizimu Afrika bakhombise ukungabi nawo amava ngesikhathi ishaywa yiPakistan ngamawikhethi ayisithupha emdlalweni weTri Nations Series, eNational Stadium, eKarachi, ngoLwesithathu.
Bekubukeka sengathi amaProteas anethuba lokunqoba lo mdlalo uma kubhekwa indlela iqembu elibhethe ngayo kwi-innings yokuqala.
INingizimu Afrika yenze ama-run angu-352/5 kuma-over angu-50 kulo mdlalo. Kudlale kahle uTemba Bavuma (82), uMatthew Breetzke (83), uHenrich Klaasen (87) noKyle Verreynne (44*).
Lokhu bekuchaza ukuthi iPakistan ibidinga ama-run angu-353 ukuze inqobe. Ukunqoba bekusho ukuyobhekana neNew Zealand kowamanqamu ngoLwesihlanu.
Iphendula iPakistan iqale kahle kakhulu iqokelela ama-run amaningi kwi-qowerplay. UWiaan Mulder uzamile ekhipha uBabar Azam (23) noFakhar Zaman (41).
Nokho iqembu lakuleli lihluleke lancama ukukhipha uMohamad Rizwan (122*) noSalman Ali Agha (134). Bobabili laba (ukaputeni nephini lakhe) bagcine behlanganise ama-run angu-261.
Abadlali abashwibayo bamaProteas abebengekho kule midlalo uKagiso Rabada, uMarco Jansen noGerald Coetzee, osalimele. UKeshiv Maharaj noTabraiz Shamsi bebekhona bangathola neyodwa iwikhethi.
ULungi Ngidi, ongathathanga neyodwa iwikhethi, noBosch, othathe eyodwa kodwa wangenelwa ama-run angu-70, ababanga nomdlalo omuhle.
Iqembu lakuleli kuzomele libhukule njengoba kuza i-ICC Champions Trophy ezodlalelwa khona ePakistan nase-United Arab Emirates kusukela ngoFebhuwari 19.

