UFarook Kadodia akasoze abuyele eMphithi noma ingaphela iRoyal AM
PHILI HLONGWANE
Usihlalo weDurban City, uFarook Kadodia, uthi iqembu lakhe alisoze libuyele eMgungundlovu, noma kungathiwa ilanga seliphuma entshonalanga lishone empumalanga.
Lo sihlalo usho lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe liqumbe phansi iTS Galaxy ngo 2-1 emdlalweni weNedbank Cup Last 16, eChatsworth Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku.
Ukunqoba kweCity kuchaza ukuthi seyidlulele kuma-quarterfinal kwiNedbank Cup ka-2025. Ijoyine iSuperSport United neStellenbosch FC.
ICity beyaziwa ngeMaritzburg United ngaphambi kokuthi ifudukele eThekwini, bese ishintshe negama. Kwavela ukuthi umasipala uMsunduzi wawungasayingeni eyaleli qembu, sewushade neRoyal AM.
I-Maritzburg United eyayisigijima kwiMotsepe Foundation Championship, yazithola ingasenayo inkundla yokudlala imidlalo yasekhaya ngoba iHarry Gwala Stadium seyisetshenziswa yiRoyal AM.
Zishintshile izinto manje, iRoyal AM inenkinga yemali ngakho ayiyidlali imidlalo yayo. Leli qembu kubhekwe ukuthi lixoshwe yiPremier Soccer League (PSL) njengoba liyifake kwelikhulu ihlazo ngokuhluleka ukudlala imidlalo yalo kule sizini.
Ngakolunye uhlangothi kuvela ukuthi umasipala uMsunduzi awusafuni lutho okulihlanganisa neRoyal AM ngoba ukholwa ukuthi ihudulela phansi isithunzi sawo.
Kukho konke lokhu uKadodia ishaya phansi ngonyawo uthi awusale kanjalo uMgungundlovu nomasipala wawo uMsunduzi.
“Yinto engeke iphinde yenzeke. Konke lokho kwenziwa abantu baseMsunduzi nabasondelene nabo. Ekugcineni, iqiniso ukuthi sakhahlelelwa ngaphandle koMgungundlovu,” kusho uKadodia.
“Iminyaka engu-20 yonke kodwa sakhishelwa ngaphandle koMgungundlovu. Yinto engeke ibukeke kahle ukuthi uxoshwe bese ubuyele lapho uyofuna usizi.
“Ngicabanga ukuthi iTheku lisamukele kahle kakhulu, kumele sikhulise igama lethu. Sibe nezinkinga ngonyaka odlule kodwa ngemuva kokuqala kabusha nonyaka siyabona ukwemukelwa abantu baseThekwini.”
ICity izihola phambili kwilogi yeChampionship futhi inethuba elihle lokukhala yemuke nesicoco ekupheleni kwesizini. Lokhu kuchaza ukuthi izobuyela kwiBetway Premiership uma konke kugcina kuhambe kahle.