UMmodi unabisa inhliziyo kaNabi ngokushaya into ecokeme kwiChiefs
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weKaizer Chiefs ugezeka igilo ngendlela adlala ngayo umdlali wasohlangothini uPule Mmodi, okhombisa ukuvuka emaqandeni kakhulu kulezi zinsuku.
UMmodi ungomunye wabadlali abashaye amagoli ngesikhathi iChiefs ibhaxabula iChippa United ngo 3-0 emdlalweni weNedbank Cup Last 16 eFNB Stadium ngoMgqibelo. Amanye amagoli Amakhosi ashaywe uGaston Sirino no-Inacio Miguel, okube yiphenathi.
UMmodi, ofike kwiChiefs evela kwiLamontville Golden Arrows, uyayiqala imidlalo futhi ushiya amadoda ebhekene phezulu ngenxa yomjiko nejubane lakhe.
“UMmodi into ayenzayo enkundleni ayichazeki,” kusho uNabi.
“Nokho kwesinye isikhathi ubuka ithuba noma amabili awagejayo. Kodwa ungumdlali wasophondweni. Into yokuqala okumele ayenze ukushaya amagoli.
“Mhlawumbe bekumele ashaye amagoli alula emathubeni awatholile. Kodwa ngokwami uyena umdlali oshaye into ecokeme kakhulu sibhekene neChippa United.”
Kulo mdlalo iChiefs ikhombisa ukuvuthwa kakhulu futhi ibingashaya inqwaba yamagoli. KwiNedbank Cup Amakhosi aseshaye amagoli ayisikhombisa kanti awakadedeli nelilodwa.
“Ungumdlali osebenza ngokuzikhandla engakhathali. Lona umdlali ohlale eyingozi ezitheni njalo nje,” kusho uNabi.
“Mhlawumbe uke ubone ama-free kick asitholela wona. Noma sivimba emuva ungumdlali obuyayo azolekelela.
“Usebenzela iqembu, usebenza ngokuzimisela okuyinto enhle eqenjini. Kumele simshayele ihlombe. Sikholwa ukuthi uyena umdlali oshaye into ecokeme enkundleni. Ungomunye wabadlali abenza kahle.”
IChiefs izobuyela ensimini ngokubhekana neSuperSport United, emdlalweni weBetway Premiership, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

