ISharks izobhekana neBulls sekubuye izethenjwa ebezilimele
NTOBEKO MZIMELA
I-Hollywoodbets Sharks izobhekana neVodacom Bulls emdlalweni we Vodacom United Rugby Championship, sekubuye ezinye zezilomo zayo ebezilimele.
La maqembu azotholana phezulu eLoftus Stadium, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama. ISharks izobe seyihlome ngoGrant Williams, uBongi Mbonambi, uLukhanyo Am noJames Venter.
Yize ukaputeni weqembu u-Eben Ethzebeth, u-Aphelele Fassi, u-Ox Nche, uSiya Kolisi, uJaden Hendrikse no-Andre Esterhuizen, bengakabuyi ekulimaleni, kodwa kuyacaca ukuthi ubuya kwabadlali abangumgogodla eqenjini kubuyisa ithemba futhi kuqinisa nokuncintisana kwabadlali ezindaweni ezahlukene enkundleni
Leli qembu laseThekwini lisazikhotha amanxeba njengoba lingenzanga kahle ohambeni lwase-Europe. Lokhu kuphethe ngokuthi liphume kalula kwi-Investec Champions Cup. Kodwa kulokoza ithemba lokuthi lizoqhubeka nokwenza kahle kwi-URC njengoba lihleli endaweni yesine ngamaphuzu angu-29 ngumuva kwemidlalo eyishumi.
Ukulimala kwabadlali abayizethenjwa kuyilimaze kakhulu futhi kube nomthelela omkhulu ukuthi iphume kwi-Investec Champions Cup.
Selilonke iqembu leSharks limi kanje:
- Ntuthuko Mchunu
- Bongi Mbonambi
- Trevor Nyakane
- Corne Rahl
- Jason Jenkins
- Tinotenda Mavesere
- Vincent Tshituka (ukaputeni)
- Phepsi Buthelezi
- Grant Williams
- Siya Masuku
- Ethan Hooker
- Lukhanyo Am
- Jurenzo Julius
- Yaw Penxe
- Jordan Hendrikse
Ebhentshini:
- Ethan Bester
- Ruan Dreyer
- Hanro Jacobs
- Lappies Labuschagne
- Jannes Potgieter
- Bradley Davids
- Francois Venter
- Jaco Williams