ISharks izobhekana neBulls sekubuye izethenjwa ebezilimele
NTOBEKO MZIMELAÂ
I-Hollywoodbets Sharks izobhekana neVodacom Bulls emdlalweni we Vodacom United Rugby Championship, sekubuye ezinye zezilomo zayo ebezilimele.
La maqembu azotholana phezulu eLoftus Stadium, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama. ISharks izobe seyihlome ngoGrant Williams, uBongi Mbonambi, uLukhanyo Am noJames Venter.
Yize ukaputeni weqembu u-Eben Ethzebeth, u-Aphelele Fassi, u-Ox Nche, uSiya Kolisi, uJaden Hendrikse no-Andre Esterhuizen, bengakabuyi ekulimaleni, kodwa kuyacaca ukuthi ubuya kwabadlali abangumgogodla eqenjini kubuyisa ithemba futhi kuqinisa nokuncintisana kwabadlali ezindaweni ezahlukene enkundleni
Leli qembu laseThekwini lisazikhotha amanxeba njengoba lingenzanga kahle ohambeni lwase-Europe. Lokhu kuphethe ngokuthi liphume kalula kwi-Investec Champions Cup. Kodwa kulokoza ithemba lokuthi lizoqhubeka nokwenza kahle kwi-URC njengoba lihleli endaweni yesine ngamaphuzu angu-29 ngumuva kwemidlalo eyishumi.
Ukulimala kwabadlali abayizethenjwa kuyilimaze kakhulu futhi kube nomthelela omkhulu ukuthi iphume kwi-Investec Champions Cup.
Selilonke iqembu leSharks limi kanje:
- Ntuthuko Mchunu          Â
- Bongi Mbonambi          Â
- Trevor Nyakane           Â
- Corne Rahl               Â
- Jason Jenkins            Â
- Tinotenda Mavesere       Â
- Vincent Tshituka (ukaputeni)Â Â Â Â Â Â Â Â Â
- Phepsi Buthelezi          Â
- Grant Williams            Â
- Siya Masuku             Â
- Ethan Hooker            Â
- Lukhanyo Am             Â
- Jurenzo Julius            Â
- Yaw Penxe               Â
- Jordan Hendrikse          Â
Ebhentshini:
- Ethan Bester             Â
- Ruan Dreyer              Â
- Hanro Jacobs             Â
- Lappies Labuschagne      Â
- Jannes Potgieter          Â
- Bradley Davids           Â
- Francois Venter           Â
- Jaco Williams             Â

