iNedbank Cup

ISundowns ingene enyakanyakeni kuqhathwa kwiNedbank Cup 

SIHLE NGUBO 

IMamelodi Sundowns ingene enyakanyakeni yokuqondana nomdlalo okungaziwa ukuthi uyodlalwa nini ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azobhekana kuma-quarterfinal eNedbank Cup ka-2025.

Abafana Ba’Style bazobhekana neRoyal AM, noma iMilford FC noma iSekhukhune United. Umdlalo weLast 32 okwakumele ube phakathi kweRoyal AM neMilford FC, awubanga khona ngenxa yenkinga yemali ebhekene neqembu likaShauwn Mkhize.

Kuze kwadlalwa imidlalo yeLast 16, lapho iRoyal AM noma iMilford FC ibiqhathwe neSekhukhune United, ingakaxazululeki inkinga yeThwihli Thwahla.

Ezakamuva zithi iSouth African Revenue Service (SARS) seyiphumelele ukudayiswa iRoyal AM ukuze ithole imali eyikweletwa uMkhize.

Lo somabhizinisi wesifazane kuvela ukuthi ukweleta iSARS imali elinganiselwa ku-R40 million. Ngaphezu kwalokho uphinde akwelete uSamir Nurkovic imali elinganiselwa ku-R12 million.

Imidlalo yeNedbank Cup izodlalwa ngempelasonto kaMashi 8 no-9. I-Premier Soccer League (PSL) isazozimemezela izinkundla nezikhathi okuzodlalwa ngazo.

Imidlalo yama-quarterfinal yeNedbank Cup:

Durban City v Marumo Gallants; Mamelodi Sundowns v Royal AM/Milford FC/Sekhukhune United; SuperSport United v Orlando Pirates; Stellenbosch FC v Kaizer Chiefs