EzakamuvaIbhola

UCraig Martin akabuyanga ejimini yePirates ngemuva kwekhefu

Njabulo Shezi

Umdlali ofike kwi-Olrando Pirates ngoJanuwari, uCraig Martin useqinise izinsolo zokuthi uyahamba keleli qembu njengoba engabuyanga kanye nabanye abadlali. 

Abadlali bePirates kuthiwa babuyele ejimini njengoba kulungiselelwa isizini entsha kodwa uCraig Martin ubengabonwa nangokhalo yena. 

Lo mdlali wasemuva kwesokudla, kodwa okwaziyo nokudlala esiswini, ufike kwiPirates ngoJanuwari esuka kwiCape Town City. 

Ukusayinwa kwakhe yiPirates kuvele kwathusa abaningi. Ufike wehluleka ukuzitholela indawo eqenjini likaJose Riveiro. 

Ufike ngesikhathi uThabiso Monyane noBandile Shandu bedlala kahle kwesokudla emuva. 

Kodwa kuthe noma sebelimele bobabili, uRiveiro wasebenzisa uPaseka Mako oyinxele kule ndawo. 

Yikho lokhu okwenza kwaqala izinsolo zokuthi uCraig Martin akanandawo kuleli qembu njengoba manje sekuvela ukuthi nebala ngathi uzokhululwa. 

Ngokubika kwabe-iDiski Times, lo mdlali ubengekho njengoba abadlali bePirates bebuyile nje belungiselela nokuya eSpain la iqembu lizokhempa khona. 

Ungomunye wabadlali osekulindeleke ukuthi iqembu limemezele ukuthi liyabakhulula. Abanye abangase bahambe ngoBen Motswari, Ndumiso Mabena, Eva Nga noKwame Peprah. 

U-Eva Nga ukhonjwa kwiSuperSport United la kuthiwa uGavin Hunt uthi yena uzophinde amenze umgadli ophambili. 

UPeprah yena ubefunwa yiqembu laseTanznia iSimba SC kanti neYoung Africans seyikuvezile ukuthi iyamhalela. 

Abanye abadlali bePirates umqeqeshi angabadingi ngesizini ezayo kuzobolekiswa ngabop. Umgadli osemncane uBoitumelo Radiopane uzophindela kwiCape Town Spurs. 

FUNDA NALA: U-Athur Zwane uveza okumhlinzele ezibini kwiChiefs 

Nokho usazohlala isikhathi eside engadlali njengoba alimala emdlalweni wokugcina kwiMotsepe Foundation Championship. Uyoze aqale ukudlala ngasekupheleni kukaSepthemba. 

No-Azola Matrose, owathengwa qede wabolekiswa kwiChippa United, naye kungenzeka aphinde ahlale kulo leli qembu lase-Eastern Cape.