Asikawucabangi owamanqamu, kusho uBrandon Truter weSekhukhune
By Njabulo Shezi
Kufanele ukuba kuzoba nzima kubaqeqeshi beSekhukhune United uBrandon Truter, nowe-Orlando Pirates uJose Riveiro ukulawula imizwa yabadlali kulezi zinsuku.
Abadlali balamaqembu bazodlala imidlalo emibili yokugcian yeDStv Premiership izingqondo zabo sezijahe owamanqamu kwiNedbank Cup.
Yiwo lamaqembu azodlala owamanqamu ngoMeyi 27 eLoftus Versveld Stadium ePitoli.
IPirates izobe igaqele isicoco sayo sesibili kule sizini kanti iSekhukhune yona ifuna ukuqopha umlando ngokudla esayo sokuqala ngqa.
Umqeqeshi weSekhukune uBrandon Truter uthi bona abakayicabangi kwakuyicabanga eyowamanqamu.
“Asikaqali ukucabanga ngowamanqamu okwamanje,” usho kanje lo mqeqeshi kuleli viki.
“Sisaheke imidlalo yeligi njengamanje. Sifuna ukwenza kahle kule midlalo esele,” kuchaza uBrandon Truter.
ISekhukhune sizobhekana nePirates emdlalweni weligi ngoMgqibelo e-Orlando Stadium ngo-3 ntambama.
“Sifuna ukwenza kahle kulo mdlalo ngoba nasemzuliswaneni wokuqala sanqoba sisekhaya. “Siyazi lokho kuzobenza bafune ukuziphindiselela njengoba bezobe besekhaya nje nabo.”
Uyazi ke uBrandon Truter ukuthi kuzosinda e-Orlando njengoba iPirates isefomini enhle futhi icoboshisa konke okuvela phambi kwayo.
“IPirates isefomini. Ngicabanga ukuthi sebenqobe imidlalo eyisikhombisa kulandelana, futhi abehluliwe emidlalweni engu-11.
“Kuzoba nzima ke ukuya e-Orlando ufuna umphumela. Umphumela ke thina ukuze sigcine indawo yethu kwiTop 8.
FUNDA NALA: Bazofa isizungu eMgungundlovu uma kubhimbile kwiMaritzburg
“Kumele siqaphele kakhulu bese sikwazi ukugcina indlela esizihlela ngayo kulo mdlalo ukuze sikwazi ukuthola umphumela kwiPirates.”
IPirates yona ifuna amaphuzu agcwele ukuze iqede endaweni yesibili kwilogi bese ibuyela kwiCaf Champions League.