EzakamuvaIBafana Bafana

USaleng onenkinga nePirates usesikwatini seBafana Bafana 

SIHLE NGUBO 

Umdlali we-Orlando Pirates okungaqondakali ukuthi kwenzekani ngaye njengamanje, uMonnapule Saleng, usesikwatini seBafana Bafana esizoyibamba emidlalweni yokuhlunga yeCHAN ka-2025.

USaleng usematheni kulezi zinsuku njengoba sekuphele isikhathi eside engadlali kweZimnyama. Kuningi okushiwoyo mayelana nokungabonakali kwakhe kwiBucs kodwa leli qembu lithule du, aliphawuli ngalolu daba.

Kuyavela nokho ukuthi kukhona ukushayisana okuthile, nokuthi lo mdlali akaseneme kwiPirates futhi ufuna ukushiya. Abaphethe izindaba zakhe nabo abacacisi kodwa sebeke baphawula bethi bayazama ukulungisa isimo.

IBafana izobhekana ne-Egypt emdlalweni womlenze wokuqala wokuhlunga, eFree State Stadium, ngeSonto. Lo mdlalo bekuqale kwathiwa ungoMgqibelo kodwa wahlehliselwa iSonto. Umlenze wesebili ungoMashi 9.

Leli qembu lesizwe lizobe liqeqeshwa uMolefi Ntseki oke wacija iKaizer Chiefs. Lo mqeqeshi usanda kuxoshwa yiMarumo Gallants lapho ebeyiTechnical Director khona. Uchithwe noDan Malesela obengumqeqeshi.

Omunye umdlali okhona esikwatini sikaNtseki uBongani Sam weChiefs, naye ongakaze alithinte ibhola selokhu kuqale isizini. USam ubuye elimele eTurkey lapho iChiefs ibikhempe khona ngaphambi kokuqala kwesizini.

Selilonke iqembu limi kanje:

Samukelo Zulu, Jody February, Siphamandla Gumede, Aden McCarthy, Bilal Baloyi, Yandisa Mfolozi, Tylon Smith, Athenkosi Mcaba, Nduduzo Mhlongo, Terrence Mashego, Bongani Sam, Sammy Seabi, Azola Tshobeni, Yanga Madiba, Kotlweni Letlhaku, Monnapule Saleng, Donay Jansen, Keletso Sifama, Jamie Webber, Thulani Mini, Tendamudzimu Matodzi