EzakamuvaIbhola

UMuller ukhala ngehlazo elenziwe unompempe beshaywa yiMadrid

Ngesikhathi kukhala impempe yokuqeda umdlalo ngoLwesithathu ebusuku, kuchwaze iSantiago Bernabéu ngomsindo kwaze kwananela idolobha lonke laseMadrid. Kodwa-ke, ngesikhathi abadlali beReal Madrid bebejabula nabalandeli babo, abeBayern Munich bebedinwe beqhuma. 

IBayern beyikholwa wukuthi ilitholile igoli elibalulekile ebelizobabuyisela emdlalweni, kuyiwe kumaphenathi. 

Yize kunjalo, ngaphambi kokuthi ibhola liqabule inethi, unompempe wosuku, uSzymon Marciniak, uvele wathi olishayile ubesendaweni engamfanele. 

Yize kungacaci ukuthi uNoussair Mazraoui ubesendaweni engamfanele noma cha, ekhuluma neSky Austria ngemuva komdlalo, uThomas Müller uveze ukungenami kwakhe ngalesi sinqumo.

“Angikawuboni umugqa odwetshiwe. Kodwa-ke, kuyiphutha elimangalisayo, ukubhacaza okumangalisayo. 

“Unompempe ungunompempe owaziyo impela umsebenzi wakhe, kodwa eyokuthi ahaye impempe ibhola lisesemoyeni endaweni enjeya… 

“Kodwa lokho akusizi ngalutho ngoba noma ngabe bekungeyona i-offside akusasho lutho.” 

Uphinde wakhala ngokuthi akuqali ukuthi kwenzeke kanje uma bedlala eMadrid, esola onompempe ngokwenzelela. 

Ngokuvamisile unompempe uyawuyeka umdlalo uqhubeke, bese uma iqembu elihlaselayo libhakuzisa inethi, ayobhekisisa kahle kwiVAR. 

“Kuyathusa ukuthi unondweba asheshe kanje ukushaya impempe. Kodwa lokhu kuvamile ukwenzeka la eMadrid.

“Ngake ngabhekana nakho eminyakeni embalwa edlule… Amagoli amabili kaCristiano Ronaldo ayesolisa. Kodwa yayingakabi khona iVAR ngaleso sikhathi.”