Nedbank Cup: uzodlalelwa eGqeberha oweStellies neChiefs
SIHLE NGUBO
I-Premier Soccer League (PSL) seyiqinisekisa izinsuku, izindawo nezikhathi zokuqala kwemidlalo yama-quarterfinal yeNedbank Cup ka-2025.
Le midlalo seyiqala ukushuba manje njengoba amaqembu athathwa njengamakhulu kuleli, iKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, esayingxenye yawo.
Imidlalo yeNedbank Cup Last 8 izodlalwa ngempelasonto kaMashi 8 kuya ku-9. Yonke imidlalo izodlalwa ngale mpelasonto kumbandakanya nalo othinta iMilford FC, iSekhukhune United neMamelodi Sundowns.
Kuzokhumbuleka ukuthi iPSL igcine iyikhiphile iRoyal AM kulo mqhudelwano ngenxa yezinkinga zemali eziyikhungethe. Ngesonto iMilford FC izobhekana neSekhukhune ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, lapho kuzophuma khona iqembu elizobhekana neSundowns kwi-quarterfinal.
I-SuperSport United iyona ezovula imidlalo yama-quarterfinal njengoba izokwamukela iPirates e-Old Peter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngoMashi 8, ngo-3 ntambama.
Ngemuva kwalowo mdlalo kuzolandela oweStellenbsch FC ezobhekana neChiefs eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngo-6 ntambama. Emidlalweni emibili yeligi edlule iChiefs iyona ephumelele yathatha amaphuzu ayisithupha kwezikaSteve Barker.
Ebusuku ngoMgqibelo abalandeli bebhola bazoqhubeka nokuzithokozisa ngonobhutshuzwayo njengoba iSundowns izobhekana nozowina phakathi kweMilford neSekhukhune, eLucas Moripe Stadium, ngo-8.
Le midlalo izovalwa ngoweDurban City neMarumo Gallants abazotholana phezulu eChatsworth Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Amathikithi emidlalo adayisa eTicketpro kanti abiza u-R60 kuphela. I-PSL izosho ukuthi kuhamba kanjani ukudayiswa kwamathikithi ezinsukwini ezizayo.

