Ufunwa e-Egypt nase-Asia umdlali weRoyal AM
Sekuvele amaqembu amabili azocela isihlobo esihle kwiRoyal AM ngomunye wabadlali abawumgogodla kuleli qembu.
Futhi kubukeka leli qembu lizophoqeleka ukumdayisa uShauna Mogaila kwazise inkontileka yakhe iyaphela ngesizini ezayo.
Uma ingamdedeli ngoJanuwari lo mdlali, iRoyal AM ingazithola seyilahlekelwa uyena mahhala.
Uzobe esevumelekile ukusayina inkontileka yesivumelwano nelinye iqembu kusukela ngoJanuwari.
Yona iRoyal AM ngeke ikwazi ukuvuselela inkontileka yakhe njengoba isanesigwebo sokungabasayini abadlali.
Ngokubika kweFARPost, iPyramids FC yase-Egypt neFC Nasaf yase-Uzbekistan sebefikile bazozibika kwiRoyal AM.
IPyramids ivele inaye umdlali wakuleli qenjini layo njengoba kukhona uFagrie Lakay ongumgadli.
Ngaphambi kokuthi kufike lamaqembu, uMogaila ibevele enezesheli nakuleli njengoba kuke kwavela ukuthi i-Orlando Pirates iyamhalela.
Nokho ayikwazanga ukumthola njengoba iRoyal AM yawuvala ingakafiki kwakufika umnyango.
Kwakuyifanele ke kwazise ibisivele isesihgwebeni sokungabasayini abadlali, obekuzokwenza ishode kakhulu uma imdedela.
Lo mdlali odle ngejubane nomjiko uqale ukugqama kwiHighlands Park ngaphambi kokuthi idayiselwe iTS Galaxy.
FUNDA NALA: Ukhonjwa kwelaseKZN uVilakazi oshiye iChippa inkemile
Waba ngomunye wabadlali bokuqala uShauan Mkhize abathenga uma eqeda ukuthola isitifiketi seBloemfontein Celtic.