iNedbank Cup

I-Pirates inqabe ukuhlehlisa umdlalo wayo neStellies 

SIHLE NGUBO 

IStellenbosch FC seyiveze ukuthi kungani ingeke idlalele eKapa uma seyibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni we-quarterfinal yeNedbank Cup ka-2025.

Ngesikhathi iPremier Soccer League (PSL) iveza izinkundla okuzodlalelwa kuzona ngempelasonto kaMashi 8 kuya ku-9, kuvele ukuthi iStellies naMakhosi bazodlalela eNelson Mandela Bay, eGqeberha.

Lo mdlalo ungoseStellies ngakho iyona edlalela ekhaya. Nokho inkinga yezinkundla eKapa yenze ukuthi leli qembu eliqeqeshwa uSteve Barker, lithuthele eGqeberha.

“Kuyinto engemnandi ukuthi iStellenbosch FC imemezela ukuthi umdlalo we-quarterfinal yeNedbank Cup esizowudlala neKaizer Chiefs, uzodlalelwa ngaphandle kwase-Western Cape,” kusho isitatimende esithunyelwe yiStellenbosch.

“Iqembu lincishwe ithuba lokudlalela lo mdlalo neKaizer Chiefs eStellenbosch noma eKapa, ngenxa yezingqinamba eziningi zokungatholakali kwezinkundla ngale mpelasonto (mhlaka 7-9 kuMashi).

“IStellenbosch beyiyitholile inkundla i-Athlone Stadium eKapa ukuthi sidlale ngeSonto, ngoMashi 9. Nokho sinqatshiwe isicelo sethu sokudlala umdlalo ngalolu suku, ngenxa yomdlalo wethu weBetway Premiership esizowudlala ne-Orlando Pirates ngoLwesibili (Mashi 11) enkundleni efanayo.

“Ngokwemithetho yeFifa kumele kube nezinsuku ezimbili ezigcwele phakathi kwemidlalo. Isicelo seStellenbosch FC sokuhlehlisa lo mdlalo ube ngoLwesithathu, ukuze sidlale umdlalo weNedbank Cup ekhaya, sinqatshwe yiligi ne-Orlando Pirates.

“I-Athlone Stadium izobe ingatholakali ngoMashi 7 no-8 ngenxa yomqhudelwano webhola lombhoxo kule nkundla. I-DHL Stadium ezobe isingethe iCape Town Cycle Tour Expo ngayo le mpelasonto.

“Inkundla yasekhaya yeqembu, iDanie Craven, ngeke kudlalelwe kuyona ngenxa yokuqaphela isimo sokuphepha uma kudlala iStellenbosch FC neKaizer Chiefs. Ngenxa yokuthi ayikho enye inkundla esingadlala kuyona eKapa, iPSL inqume ukuthi umdlalo uye eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo, ngoMashi 8, ngo-6 ntambama.”

Akungabazeki ukuthi konke lokhu kuzoshiya abalandeli bebhola baseKapa bephoxeke kakhulu. Kuyaziwa ukuthi baphuma ngobuningi uma iChiefs idlala khona.