Inkunzi yamaBhokobhoko iyeke umbhoxo ngenxa yokulimala
NTOBEKO MZIMELA
Ukulimala kanzima entanyeni kuphoqe uSteve Kitshoff ukuthi awagaxe emgibeni amakhokho akhe yize bebesafuna ukumbona enkundleni abalandeli bakhe angaconsi phansi kubona.
Lo mdlali waseKapa walimala kanzima ngoSepthemba nyakenye ngesikhathi egijima kwiWestern Province kwiCarling Currie Cup.
USpicy Plum, njengoba aziwa ebholeni lombhoxo, udume kakhulu kumaBhokobhoko ngenjelunga njengenkunzi ebivimba kwasani.
Ebholeni lombhoxo unqobe indathane yezindondo, okubalwa kuzona iNdebe yoMhlaba (ngo-2019 nango-2023) neRugby Championship. Ubesadlale amaTest angu-83 washaya ama-try amabili.
Uphinde wanqoba iCurrie Cup kanye neWestern Province, wase enqoba ne-URC ngo-2022 neStormers ayidlalele imidlalo engu-138.
Khonamanjalo iSouth African Rugby Union (Sari) imemezele imidlalo eyisithupha yamaBhokobhoko ezodlalelwa eNingizimu Afrika nonyaka.
EzikaRassie Erasmus zizodlala imidlalo emithathu ye-Castle Lager Incoming Series, nemithathu yeRugby Championship.
Amadolobha ayisithupha kuleli yiwona azohlomula kakhulu. Lapha kubhalwa iTshwane, yiGoli, yNelspriut, iGqeberha, yiTheku naseKapa. Umdlalo waseThekwini wamaBhokobhoko ungoSepthemba 27.
Kuphinde kwamenyezelwa nokubuya kukaFelix Jones njengephini lomqeqeshi kuleli qembu lesizwe, ukuzoqinisa ithimba lika-Erasmus.

