AmaBhokoBhoko

Irekhodi elisha kuSiya Kolisi amaBoks eshaya iNZ

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika ijabulise izinkumbi zabantu eFNB Stadium, eGoli, ngesikhathi ishaya izimbangi ezindala iNew Zealand ngo 29-24 emdlalweni weRugby’s Greatest Rivalry.

Phambi kwabalandeli abalinganiselwa ku-85 000, amaBhokobhoko abengazimisele ngokuphoxa eGoli.

Umdlalo uqale kuyiNew Zealand ebikhombisa ukucindezela kakhulu, kucaca ukuthi ifuna ukuthola amaphuzu kuqala.

Akumangazanga ngesikhathi u-Ardea Savea eshaya itry yokuqala yezivakashi ngomzuzu ka-11, zahamba phambili ngo 7-0.

INingizimu Afrika izabalazile yabuya, uKurt-Lee Arendse washaya itry ngomzuzu ka-22, kwaba ngu 7-5.

Ibuyile iNew Zealand yashaya itry ngomzuzu ka-26, okube ngeyesibili kaSavea emdlalweni.

AmaBhokobhoko aze aphendula ngomzuzu ka-37 ngesikhathi enikwa i-penalty try. Ziye ekhefini kungu 12-12.

Ngesiwombe sesibili kuthathe isikhathi ukuthi kube khona amaphuzu abekwa ebhodini.

I-All Blacks iyona ethole ithuba lokuhamba phambili kodwa uRuben Love wayigeja iphenathi ngomzuzu ka-53.

Nokho uWill Jordan akalenzanga iphutha ngomzuzu ka-56 ngesikhathi ebeka itry yeNew Zealand. Kodwa uLove uphinde washweba i-conversion.

INingizimu Afrika isheshe yaphendula nge-try kaJessie Kriel ngomzuzu ka-58, uSacha Feinberg-Mngomezulu wengeza nge-conversion, amaBhokobhoko ahamba phambili ngo 19-17.

Kuchwaze inkundla uMalcolm Marx eshaya itry yesine yamaBhokobhoko ngomzuzu ka-66, kwaba ngu 26-17.

Ngaleso sikhathi bese kubukeka kuhamba kahle eqenjini lasekhaya, ligcina ibhola isikhathi eside kunezivakashi.

Ngomzuzu ka-71 uFeinberg-Mngomezulu ushaye iphenathi iNingizimu Afrika yavula igebe laba amaphuzu angu-12, isihamba phambili ngo 29-17.

INew Zealand iyishayile itry ngomzuzu wokugcina, eze noSamisoni kodwa isikhathi bese sidliwe yinja.

Ukunqoba kwaMaBhokobhoko kuchaza ukuthi asehamba phambili ngo 2-1 kulolu chungechunge lwemidlalo emine.

Ukaputeni, uSiya Kolisi, ubesenqoba umdlalo wakhe ka-54 ehola amaBhokobhoko, okuyirekhodi elisha.

Emdlalweni wokugcina la mazwe azobhekana eM&T Bank Stadium, e-USA, ngoMgqibelo ngo-11 ebusuku.