IBetway Premiership

IDowns kumele inqume ngozovimba uma isibhekene neChiefs 

SIHLE NGUBO 

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, kumele anqume ukuthi yimuphi unozinti ozovimba uma ezakhe sezitholana phezulu neKaizer Chiefs emdlalweni weBetway Premiership, eLucas Moripe Stadium, eTshwane, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

Akukona ukuthi Abafana Ba’Style banenkinga yonozinti kodwa ukaputeni uRonwen Williams akayidlalanga imidlalo emibili edlule yeligi ngenxa yokulimala.

Bekuvimbe uJody February iSundowns ibhekene neTS Galaxy kanjalo neSekhukhune United. Yomibili leyo midlalo iyinqobe kahle ishaya amagoli amane umunye.

UFebruary ngeke abe khona kulo mdlalo njengoba esekhempini yeBafana Bafana elungiselela ukudlala ne-Egypt emdlalweni womlenze wokuqala wokuhlungela iCHAN ngeSonto.

Okwenze kwavimba uFebruary ukuthi uDenis Onyango ubedonsa isigwebo sekhadi elibomvu alithola bebhekene neMarumo Gallants. U-Onyango usaqedela isigwebo sekhadi elibomvu kanti omunye ongeke abe khona ngenxa yamakhadi u-Aubrey Modiba.

UWilliams uyena okulindeleke abe sezintini ngoMgqibelo ntambama. Nokho umbuzo uthi useluleme ngokuphelele yini nokuthi ukungadlali imidlalo emibili kumbeka kusiphi isimo.

Omunye umdlali osebuyele ekuziqeqesheni neqembu uThemba “Mshishi” Zwane naye obelimele.

Akulindelekile ukuthi aqale umdlalo lo mdlali wasesiswini weBafana Bafana kodwa angase abe khona ebhentshini.

Ngasohlangothini lweChiefs ngeke abe khona uGaston Sirino naye onesigwebo samakhadi aphuzi. U-Edmilson Castillo noDillon Solomons, abebelimele, bazoqeqeshile neqembu kuleli sonto.

Ompetha beligi bazihola phambili kwilogi yePremieship ngamaphuzu angu-15. Lokhu kuchaza ukuthi ukunqoba kwiChiefs kuzokwenza bavule igebe lamaphuzu angu-18 esicongweni.

I-Orlando Pirates okuyiyona ejaha iSundowns, isele ngemidlalo emine ngemuva njengoba inamaphuzu angu-36 kanti ezikaCardoso zinawu-51 emidlalweni engu-19.

IBucs izobhekana neMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. Uzoya kulo mdlalo seyazi ukuthi kuhambe kanjani phakathi kweSundowns neChiefs.