U-Van der Merwe uzigqamisile kowokuqala edlalela amaBoks
SIHLE NGUBO
U-Edwill van DER Merwe ushaye i-try emdlalweni wakhe wokuqala egqoke ijezi lamaBhokobhoko, ngesikhathi elakuleli lishaya iWales ngo 41-13 kwiTest yokuqala yesizini, eTwickenham Stadium, eLondon, ngoMgqibelo.
Lo mdlali weLions udlale kahle kakhulu kulo mdlalo wokuqala weNingizimu Afrika, selokhu yanqoba iNdebe yoMhlaba ka-2023, eFrance, ngoNovemba nyakenye.
AmaBhokobhoko aqale lo mdlalo ngegiya eliphezulu eshaya ama-try amabili emizuzwini engu-15 yokuqala. I-try yokuqala ize noJesse Kriel ngomzuzu wesine.
Iphendulile iWales ngephenathi kaSam Costelow ngomzuzu wesikhombisa. Nokho ngoka-15 idedele i-penalty try kwaba ngu 14-3.
Ngemuva kwalokho ibuyile iWales yashaya i-try eze noDewi Lake, ngomzuzu ka-29 nephenathi kaCostelow. Ziye ekhefini kungu 14-13.
Esiwombeni sesibili iqembu lakuleli livule nge-try kaMazola Mapimpi ngomzuzu ka-41. Kungene uSacha Feinberg-Mngomezulu washaya enhle iphenathi kwaba ngu 27-13.
UBongi Mbonambi, naye ongene esuka ebhentshini, ushaye eyakhe i-try ngomzuzu ka-67. Kube sekufika isikhathi sika-Van der Merwe ngomzuzu ka-74, okhuthuze izimbangi wase eyoshaya i-try yokugcina yeNingizimu Afrika.
Ngokunqoba lo mdlalo amaBhokobhoko aqukule iQatar Airways Cup, kulo mdlalo obekungowokubhula amazolo ukulungiselela isizini entsha.
AmaBhokobhoko azobuyela enkundleni ngoJulayi 6, lapho ezobhekana ne-Ireland. Lona kuzoba umdlalo wokuziphindisela njengoba leli lizwe lagcina lishaye iNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba nyakenye.