USeema uhlale exoshwa yize enza kahle kwiSekhukhune
SIHLE NGUBO
ISekhukhune United seyiphinde yamxosha uLehlohonolo Seema yize iqembu lenza kahle kwiBetway Premiership, futhi lisekhona nakwiNedbank Cup.
IBabina Noko iqinisekise ukuthi seyihlukene noSeema, owayengumdlali wasemuva we-Orlando Pirates, ngoLwesine ebusuku.
Akucaci ukuthi yini eyenze kuxoshwe umqeqeshi ekubeni iqembu linethuba elihle lokudlala imidlalo yeCAF ngesizini ezayo.
Nangesizini edlule leli qembu limise uSeema isizophela isizini, kwangacaca ukuthi ibikuphi inkinga ngoba konke kwakuhamba kahle.
“UKaitano Tembo noPaulus Masehe yibona abazohola iqembu ukuya phambili,” kusho isitatimende esithunyelwe yiSekhukhune.
“Sithanda ukubonga uLehlohonolo Seema ngakwenzele iqembu kulesi sikhathi ekulona.”
Kuke kwaba namahlebezi okuthi iSekhukhune izomxosha uSeema ngoba ifuna ukulanda u-Eric Tinkler obeqeqesha iCape Town City.
Imenenja yeSekhukhune uPhineas Masisha, ibilokhu iyiphika into yokuxosha kukaSeema, ithi lena yimizamo yabathile yokuphazamisa umgqigqo weqembu.
ISekhukhune izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.
Kwilogi yePremieship ihlezi endaweni yesine futhi inethuba lokuqeda kwiTop 8 njengoba kwenzekile nangesizini edlule.
Akuvamisile ukuthi iqembu lixoshe umqeqeshi libe lenza kahle kanje, nokushiya imibuzo ukuthi kanti kwenzekani kwiBabina Noko.

