EzakamuvaIbhola

URibeiro weDowns ayingenwa eyakhe esikwatini seBrazil 

SIHLE NGUBO 

ULucas Ribeiro Costa weMamelodi Sundowns akabizwanga esikwatini seBrazil esizodlala ne-Argentina neColombia, yize enza kahle kwiBetway Premiership eNingizimu Afrika.

Lo mdlali usanda kuqokwa njengowenze kahle kunabo bonke ngoFebhuwari kwiPremiership ehambisana nomqeqeshi wakhe uMiguel Cardoso.

URibeiro uyena ozihola phambili ngamagoli angu-13 kwiPremiership, futhi ubukeka ezohamba nawo umklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi kule sizini.

Ngaphandle kwalokho abaningi bavele sebethi uyena umdlali wesizini ngoba akekho oshaya into ecokeme njengaye kwiPremiership njengamanje.

Bakhona abathi kumele afakwe kwiBafana Bafana uma kuvuma ngoba akakaze ayidlalele iBrazil. Nokho abanye bashaya ngalokhu futhi babona kungumkhuba okungamele ujwayele yizwe elifana neNingizimu Afrika.

URibeiro kulindeleke ukuthi aqhubeke nokwenza izinto zakhe uma iSundowns seyibhekene neSekhukhune United emdlalweni weNedbank Cup Last 8, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

Sesisonke isikwati seBrazil simi kanje:

Onozinti:

Alisson (Liverpool), Bento (Al Nassr), Ederson (Manchester City)

Izitobha:

Danilo (Flamengo), Gabriel Magalhães (Arsenal), Arana (Atlético-MG), Léo Ortiz (Flamengo), Marquinhos (PSG), Murillo (Nottingham Forest), Vanderson (Monaco), Wesley (Flamengo)

Abasesiswini:

André (Wolverhampton), Bruno Guimarães (Newcastle), Gerson (Flamengo), Joelinton (Newcastle)

Abagadli:

Estêvão (Palmeiras), João Pedro (Brighton), Raphinha (Barcelona), Rodrygo (Real Madrid), Savinho (Manchester City), Vinicius Jr (Real Madrid), Matheus Cunha (Wolverhampton), Neymar (Santos)