OwoSuthu ubona umqansa kwiRockets esefomini
SIHLE NGUBO
Ubona bezobhekana nomqansa uBongani “Ben 10” Zungu uma sebebhekene neTS Galaxy emdlalweni weBetway Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesihlanu ebusuku.
IRockets idlala kahle kulezi zinsuku nokwenza ukuthi ihlale endaweni yesihlanu kwilogi yePremieship.
Ukunqoba kweTS Galaxy kungayinyusela endaweni yesithathu njengoba ingabe isinamaphuzu angu-35.
Ngakolunye uhlangothi Usuthu lusendaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-30. Nalo leli qembu laseThekwini lidlala kahle kakhulu kulezi zinsuku.
“Nakanjani sidlala neqembu elisefomini njengamanje,” kusho uZungu oke wayibamba kwiMamelodi Sundowns.
“Bangabantu abakhombisa ukuba nomfutho omkhulu njengamanje. Uyazibonela ukuthi kuzoba umdlalo omuhle webhola.
“Kuzoba umdlalo onzima. Nathi asinawo neze umgqigqo obhedayo.
“Ekhaya yilapho sinqoba khona imidlalo. NgoLwesihlanu sizozama ngakho konke ukunqoba umdlalo.”
Uma AmaZulu enqoba azoba ngenhla kweTS Galaxy enamaphuzu angu-32. Usuthu lunamaphuzu angu-30.
“Kumele siye ekhefini leFifa namaphuzu amathathu. Kubalulekile kakhulu lokho,” kuqhuba uZungu.
“Umdlalo omkhulu kithina futhi siwulungiselele kahle. Sinesikwati esanele noma ubani ozonikwa ithuba ngoLwesihlanu uzokwenza okusemandleni akhe.”
Imidlalo yePremieship izothi ukuma kancane njengoba kunemidlalo engaphansi kwekhalenda leFifa ngempelasonto ezayo.
IBafana Bafana izobhekana neLesotho kanjalo neBenin kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

