IBetway Premiership

‘Sibaphile amagoli amathathu okuqala,’ kubalisa uNabi

SIHLE NGUBO 

IKaizer Chiefs ibhaxabulwe kabuhlungu yiSuperSport United ngo 4-1 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

Kulo mdlalo iChiefs ayizange idlale ibhola elisile kunalokho ibilokhu yenza amaphutha, bese iyihlawulise kabuhlungu iSuperSport.

IChiefs iwuqale ngebatha umdlalo njengoba idedele igoli elilula ngomzuzu wesithathu. Libekwe phakathi uSamir Nurkovic owake wagijima kuyona iChiefs.

Kusukela lapho iChiefs ayizange ihlangane idlale ibhola eliya phambili. Kunalokho iSuperSport icisho yashaya igoli lesibili walikhipha sekuvalwe amehlo uRushwin Dortley ngomzuzu ka-18.

Kubuye ithemba kubalandeli abambalwa beChiefs abebesenkundleni ngesikhathi uGlody Lilepo eshaya igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-30.

Iphinde yalala futhi emuva iChiefs yabuya iSuperSport yashaya igoli lesibili ngomzuzu ka-32. Kulokhu lishaywe uChristian Saile naye obedlala kwiChiefs.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili iChiefs yenze ushintsho ikhipha uBradley Cross yafaka uHappy Mashiane, kwathi endaweni kaYusuuf Maart yafaka u George Matlou.

Nokho nangemuva kwalokho iqembu lasekhaya liqhubekile nokwenza amaphutha ikakhulukazi uma liphaselana ibhola. Kugcine konakele ngomzuzu ka-63 uGamphani Lungu eshaya igoli lesithathi lezivakashi.

Izinto zibhede kakhulu kwiChiefs uGaston Sirino ephuma ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-68.

Kuvele kwacaca ukuthi sekuphelile ngeChiefs ngesikhathi uSiphesihle Ndlovu eshaya igoli lesine ngomzuzu ka-83.

Ngemuva komdlalo umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, uthe: “Kuyaphoxa ukuthi sishaywe kanje. Azikho izaba esingazisho yize sibe nezinsuku ezimbalwa ukulungiselela umdlalo.

“Sibaphile amagoli amathathu okuqala. Lezi zinto ziyenzeka emaqenjini amakhulu ngakho ngeke siligxeke kakhulu iqembu ngendlela elidlale ngayo namuhla.”

Bese kungokwesibili iSuperSport ishaya iChiefs kule sizini. Emzuliswaneni wokuqala leli qembu lasePitoli lish

Nokho ngaphambi kwalokho iChiefs inomdlalo onzima njengoba izobhekana ngompetha beligi iMamelodi Sundowns koweligi.