IRockets inwabele kwilogi yePremieship ngokushaya Usuthu
SIHLE NGUBO
I-TS Galaxy inwabele ngaMaZulu FC iwamshaya ngo 2-1 inyukela endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesihlanu ebusuku.
Ukunqoba lo mdlalo kweRockets kwenze yaba namaphuzu angu-35. Ngesizini edlule leli qembu liqede linamaphuzu angu-44 kanti linethuba lokuwadlula la maphuzu.AmaZulu enze iphutha emuva ephaselana ibhola, uDzenan Zamovic washaya igoli ngomzuzu ka-30. Bese kuyigoli lakhe lesishiyagalombili kule sizini.
Ibuyile futhi iRockets ngomzuzu ka-39 yashaya igoli lesibili kanti lize noKamogelo Sebelebele.
Into ebihlaluka ukuthi Usuthu belubukeka luthembisa uma luya bese lwenze amaphutha emuva, kungene igoli.
Nokho azamile AmaZulu ukubuya ngomzuzu ka-44 ashaya igoli ngonyawo luka-Elmo Kambindu kwaba ngu 2-1.
Ngesiwombe sesibili Usuthu luzame lwahluleka ukuthola igoli lokulinganisa yize beluwakha amathuba.
Kunalokho bekubukeka kuzophinde kungene igoli lesithathu kulona iqembu lasekhaya ngesikhathi lizama ukuhlasela.
Bese kungokwesibili AmaZulu eshaywa kulandelana njengoba ebeye kulo mdlalo eshaywe yiMamelodi Sundowns ngo 2-0.
Ngasohlangothini lweRockets beyinqoba okwesibili kulandelana ngemuva kokushaya iSuperSport United ngo 3-1 emdlalweni odlule.
Umqeqeshi woSuthu u-Arthur Zwane ukhale ngamagoli abawadedelile kungenasidingo.
“Senze amaphutha sadedela amagoli amabili. Lokhu kwenziwe yindlela ebesiphasa ngayo emuva,” kusho uZwane ngemuva komdlalo.
“Uma sekufanele sisebenzisa amathuba sishaye amagoli sihlulekile ukwenza lokho. Akuyona indlela okumele sidlale ngayo ekhaya le.”