IPirates ishwebe ekugcineni ukusayinisa umgadli weStellies
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates ihluleke ngosuku lokugcina ukusayinisa umdlali ebimgaqele ngabomvu njengoba bekuvalwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali kwiPremier Soccer League (PSL).
Kushone olwangoMsombuluko sekusabalele izindaba zokuthi iBucs ibizama ukuthola u-Andre de Jong weStellenbosch FC, ngaphambi kokuvalwa kwewindi phakathi kwamabili.
UDe Jong waseNew Zealand ungomunye wagadli abenza kahle kwiStellies engayiqalanga neze kahle isizini ka-2025/2026.
Nokho kuvela ukuthi iPirates ihlulekile ukuthola lo mdlali ngoba abaphathi beStellies bakhale ngokuthi akekho ozovala isikhala sakhe uma ehamba.
Kukholakala ukuthi iBucs iqhamuke ekugcineni seyisho amashushu ngokusayinisa uDe Jong kodwa izikhulu zeStellies zashaya phansi ngokunyawo, zathi azimdedeli.
Leli qembu laseKapa lizodlala imidlalo eminingi kule sizini njengoba lizophinde liyibambe kwiCAF Confederation Cup.
Ngesizini edlule iStellies ihambe ibanga elide kulo mqhudelwano njengoba ize yakhishwa yiSC Simba ebicijwa uFadlu Davids, kowandulela owamanqamu.
Ngakolunye uhlangothi iBucs ivumelene neSekhukhune United ukuthi iboleke leli qembu uTshepo Mashiloane kuze kuphele isizini.
IPirates izobhekana neSiwelele FC emdlalweni weBetway Premiership, eToyota Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
EZimnyama zishaye iLioli yaseLesotho ngo 3-0 emdlalweni weCAF Champions League enkundleni efanayo ngempelasonto.
IPirates ishaye iStellies ngo 3-0 kowamanqamu weMTN8, kanti nasemdlalweni wePremiership egcine iwudlale neChippa United inqobe ngo 3-0.
Khonamanjalo iMamelodi Sundowns imemezele ukuthi isayinise umdlali wasePortugal uNuno Santos ngosuku lokugcina lokuhwebelana ngabadlali.

