EzakamuvaIbhola

Uzisola unomphelo uLebese ngokuphoxa uBobby Motaung weChiefs 

SIHLE NGUBO 

Uyazisola ngokuphoxa uBobby Motaung, oyimenenja yeKaizer Chiefs, uGeorge Lebese owashiya leli qembu laseNaturena kungalindele muntu.

Kwamangala abalandeli abaningi beChiefs uLebese evumbuka kwiMamelodi Sundowns kade kulindeleke ukuthi asayine inkontileka entsha eNaturena.

Kwaba nezinkulumo eziningi abanye begxeka uBobby ngokuthi udedele uLebese ebe ekhulele kwiChiefs.

Babodwa ababegxeka iChiefs ngokuthi yayingafuni ukunika uLebese imali ukuze ahlale kuleli qembu.

Bakhona nabagxeka uSteve Komphela, owayecija iChiefs ngaleso sikhathi, ukuthi uLebese wahamba ngoba engafuni ukumdlalisa.

Nokho lo mdlali, ekhuluma noRobert Marawa, akakubali konke lokho futhi kuvela ukuthi wayezosayina inkontileka entsha eyayinemali engcono kakhulu neChiefs.

“UBobby (Motaung) wangibamba ngesandla sisuka eMamelodi. Ngisayikhumbula kancane inkulumo yethu. 

“Wabeka iphepha phambi kwami wathi angisayine inkontileka yokuvuselela,” kusho uLebese.

“Ngathi kuyena cha angivuseleli. Ngisakhumbula ukuthi ubuso bakhe babubukeka kanjani. Wayethukile kakhulu ngalokho ngoba yinto ayengayilindele

“Uma ngibheka emuva kwakuwukuzibuza ukuthi yini le engiyenzile. Lo muntu uzama ukushintsha impilo yami.

“Ngakho ngihlale ngixolisa ngalokhu kuyena. Sengike ngamthumela imiyalezo, ngicabanga ukuthi ngemuva kwamasonto amabili ngisayinile (kwiSundowns) ngamthumela umyalezo ngixolisa.

“Sengike ngahlangana naye kanye ngaphinde ngaxolisa…ngicabanga ukuthi lowo umuntu engamphoxa kakhulu.”

ULebese akahlalanga kakhulu kwiSundowns futhi ayiminingi imidlalo ayidlala kuleli qembu laseChloorkop.