Amehlo athe njo kuSteve Mkasi iKZN ihluleka emijahweni emikhulu
Alfred Ngubane
Ukwehluleka kwabasubathi baKwaZulu-Natal kwiTwo Oceans neComrades Marathon sekumphonse emlilweni nesiqukuza sokhuni umengameli weKZN Athletics uSteve Mkasi.
Ukufadalala kwezokusubatha eKZN kuqale ukugqama ngesikhathi kubuya imijaho ngonyaka odlule kulandela ukumiswa kwayo ngenxa yeCovid-19.
USteve Mkasi uthathe izintambo zokuhola iKZN Athletics kuSello Mokoena okunguye obephethe phambilini.
Phakathi kwezinto asekhonjwa ukuthi zimehluleli kusukela engene esikhundleni kukhona ukwehluleka ukulungisa isimo seMandela Marathon.
“Kunalokho wafaka usawoti esilondeni sabasubathi nabanikazi bamakilabhu njengoba egcine esegijimisana nomkhandlu waseMgungundlovu…
“Uhambe waze wayofika e-Eastern Cape eyobonana neKumukani yesizwe saBathembu uMandla Mandela ongumzukulu kaNelson Mandela.
“Wafika wachithwa njengesibawu wabuya umsila ungaphansi kwemilenze njengoba uMandla Mandela engahambisananga nombono wakhe ngalo mjaho,” kusho umthombo. Waphinda wazama ukuqala enye iMandela Marathon, wayiqamba ngokuthi yiHilton Marathon kodwa wabhuntsha lowo mjaho.
Impempe ithole ukuthi uSteve Mkasi usejikelwe nangabantu ayesebenzisana nabo nabamsiza ekutheni athole lesi sikhundla.
“Okuxakayo ke wukuthi abantu abambeka esihlalweni bathi ungundlovukayiphikiswa, akafuni ukulalela uma eboniswa.”
Okwengeze ezinkingeni zikaMkasi wukuthi nekilabhu aphuma kuyo iPhuma AC ibe ngenye yalawo enabasubathi abazame ukukokotela imingenelo yeComrades.
Eyokuhluleka kwabasubathi basifundazwe yiyo esibekwa phambili njengesibonelo sokwehluleka kwakhe kulo msebenzi.
FUNDA NALA: UDoctor Khumalo uthi uClive “The Dog” Barker ubengubaba kubo
Sekukhona nezinkulumo zokuthi kunophenyo olufufusayo lokubhekaukuphathwa kwezimali ngaphansi kombuso wakhe.