Ibhola lombhoxo

ISharks izoholwa uSiya Kolisi koweVUR neZebre

SIHLE NGUBO 

USiya Kolisi uzohola iHollywoodbets Sharks emdlalweni weVodacom United Rugby Championship, lapho izobhekana neZebre Parma eHollywoodbets Kings Park, ngoMgqibelo ntambama.

UVincent Tshituka ubuyile ekulimaleni kanti uzothatha indawo kaLappies Labuschagne kubadlali baphambili.

Izelamani uJaden noJordan Hendrikse, zizodlala emuva kanti uGrant Williams akekho kulo mdlalo ngenxa yokulimala.

Omunye umdlali obuyile uMakazole Mapimpi, okuchaza u-Ethan Hooker 

noJurenzo Julius bazodlala ngokubambisana esiswini, okungolunye ushintsho eqenjini elishaye i-Emirates Lions ngempelasonto edlule.

U-Andre Esterhuizen ubuyile ekulimaleni kanti ukhona eqenjini yize ezoqala ebhentshini.

UJurenzo Julius, ephawula ngokuthola kwakhe umklomelo iJunior Springbok of the Year Award, uthe: “Ukunqoba umklomelo kube yinto enkulu. Bengisebenza kanzima futhi ngiyajabula ukuthi ngiwine umklomelo.”

Mayelana nomdlalo lapho bezobhekana neZebre, uthe kuzoba yinselelo enkulu kodwa kumele babhukule.

“Silindele ukulwa, impi yamandla. Sebeshaye amaqembu amakhulu ambalwa ngakho silindele ukuthi bafike lapha bazame ukusiphoxa.

“Basele ngamaphuzu ambalwa ngaphandle kweTop 8 ngalokho akumele sikuthathe kancane lokho.”

Selilonke iqembu limi kanje:

1. Ox Nche

2. Bongi Mbonambi

3. Vincent Koch

4. Jason Jenkins

5. Emile van Heerden

6. Phepsi Buthelezi

7. Vincent Tshituka

8. Siya Kolisi (ukaputeni)

9. Jaden Hendrikse

10. Jordan Hendrikse

11. Makazole Mapimpi

12. Ethan Hooker

13. Jurenzo Julius

14. Yaw Penxe

15. Henry Immelman

Ebhentshini:

16. Fez Mbatha

17. Ntuthuko Mchunu

18. Hanro Jacobs

19. Corne’ Rahl

20. James Venter

21. Bradley Davids

22. Francois Venter

23. Andre Esterhuizen

Laba abadlali abalimele:

Aphelele Fassi 

Bryce Calvert

Dylan Richardson

Eben Etzebeth 

Gerbrandt Grobler

Grant Williams

Jaco Williams

Khwezi Mona

Lukhanyo Am

Marnus Potgieter

Siya Masuku