Motsepe Foundation Championship

Owaduma kwiChiefs ethubeni elihle lokubuyela kwiPremiership 

SIHLE NGUBO

UGeorge Maluleka, odlalela iKruger United egijima kwiMotsepe Foundation Championship, unethuba lokubuyela kwiBetway Premiership naleli laseMpumalanga ngemuva kwamasizini ambalwa engabonakali kule ligi.

Lo mdlali ugqame kakhulu egijima kwiKaizer Chiefs, asuke kuyona waya kwiMamelodi Sundowns.

Lesi senzo sokujoyina iSundowns simenze wazondwa kakhulu abalandeli baMakhosi ngo-2021.

Babesola lo mdlali ngokuthi ulidayisile iqembu ngokuya kwiSundowns nokwenza ukuthi lingasiwini isicoco seligi.

UMaluleka usuke kwiSundowns wajoyina AmaZulu FC. Nokho kuleli qembu laseThekwini izinto azihlangananga kahle wagcina ehlukene nalo.

Ekuqaleni kwesizini ube esesayiniswa yiKruger eveze izinhloso zayo zokunyukela kwiPremiership.

“Ngijabule kakhulu. Amajita (abadlali) angemukele kahle ngizizwa sengathi ngisekhaya,” kusho uMaluleka ngesikhathi ethulwa yiKruger.

“Ngizizwa sengathi sengibe lapha amasonto amaningi kodwa kuseyisonto lami lokuqala. Konke kuhamba kahle okwamanje futhi ukutholana kuhle kimina namajita. Ngesese.”

Ufike kwiKruger seyidlale imidlalo emithathu kwiChampionship njengawo wonke amaqembu. Ibisanqobe owodwa, yadlala ngokulingana owodwa, yase ishaywa komunye.

Nokho kubukeka sengathi ukusayinisa lo mdlali owake wayibamba nakwiSuperSport United, kulisizise kakhulu iqembu.

Njengamanje iKruger isendaweni yasibili kwilogi yeChampionship ngamaphuzu angu-36 emidlalweni engu-22.

Leli qembu lisele ngamaphuzu ayisithupha kwiDurban City ezihola phambili. Linalo ithuba lokudla umhlanganiso noma lidlale imidlalo yokuhlunga ekupheleni kwesizini.